Izindaba

EkaZuma ibalekiswe ‘ukungamboni’ umyeni izinyanga emshadweni

Indodakazi kaJacob Zuma uNomcebo (22) ogane iNkosi uMswati lll (57) yeqile kwaDlamini, yashiya ubukhazikhazi yabuyela ekhaya eNkandla.

Iphephandaba laseSwatini iSwaziland News lidalule ukuthi le nkosikati ka-14 ngeke isakwazi ukubekezela isithembu.

Ikusho lokhu ngenxa yokuthi sekuphele izinyanga “ingamboni umyeni”.

Inkosi izwa ngalokhu kuthiwa uthumele abakhongi ukuyozama ukuyobutuza amagabade kwaZuma.

Okhulumela inkosi uPercy Simelane uthe ubengakezwa lutho ngokushiya kwankosikazi esigodlweni.

Ube esecacisa ukuthi kahle hle yena akaziphawuli izindaba zasesithe kodwa ubhekelele ukubukekea kwenkosi emphakathini.

“Bengingakezwa lutho, ngokomsebenzi wami awungivunele ukungenelela empilweni yangasese yenkosi. Ngingena kakhulu ezintweni zomphakathi,” usho kanje.

Kumanje inabantwana abangaphezu kwa-50 ebathole kondlunkulu bayo abangu-14.

Ngesikhathi kuvela lezi zindaba ngonyaka odlule uNomcebo eseneminyaka engu-21 nje izakhamizi zaseNingizimu Africa zanengeka yilesi senzo.

Nakuba uNomcebo wayeseneminyaka emvumelayo kodwa babenengwa ukubona igebe leminyaka engu-35 phakathi kwabo.

Umshado wabo weSintu wabanjelwa eLudzidzini Royal Village eLobamba lapho kwakuphume abantu ababalelwa ngaphezu kwa5000 bezothamela lo mshado.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button