Ezezimoto

IHyundai ibheja ngeCreta eturuzile

Sihle Mkhize

KULEZI zinsuku ezimotweni ezingu-20 ezintsha ophambana nazo emgwaqeni isuke ikhona eqhamuka eChina.

Yize kunjalo kwaHyundai bathi kuzoshiyana ukwenza njengoba besanda kwethule iHyundai Creta esithe ukuturuza ngemuva.

Yize bevuma ukuthi amaShayina eza kabi kodwa bathi okubenza behluke ngezimoto zabo kumashayina wukuthi amaphathi wabo ayatholakala kalula, izimoto zabo ziyakwazi ukudayiseka umuntu angalahlekelwa, ukwethembeka, nendlela ezonga ngayo kuphethroli.

UMqondisi kwaHyundai Automotive South Africa uStanley Anderson uthi okunye abagadla ngakho kwiCreta entsha izihlalo zesikhumba, iSafety Pack kuhlobo lwe-Executive bese kuba yizo izihlalo zesikhumba eziphuma nohlobo lwePremium.

ICruise Control itholakala kulona lonke uhlobo lweCreta. Kusuka ngoJanuwari 2021 kuze kushayeb unyaka ka2024 sekudayiswe amaCreta angu-4 189 eNingizimu Afrika.

ICreta ingena esijwini sombango okuminyene utshumo kuwo oholwa iSuzuki Fronx ngokuthengwa.

Ngaphandle kwezinto eziningi esiphuma nazo iCreta kwaHyundai bengeze nohlobo lweMatte Edition egqize ngemibala omnyama, osiliva nomhlophe, zonke zigqize ngombala omnyama kugrille namasondo angu-17 inch anerimu.

IMatte Edition ungakwazi ukuyithola ngePremium CVT ngentengo engu R484 000 kuthi i-Executive ibe ngu-524, 900.

Ngokwesiko lakwaHyundai iCreta yethulwe eNyakatho yesifundazwe esifundeni iLembe KwaDukuza emgwaqeni evulekile nemazombezombe.

Njengezimoto eziningi zakwaHyundai kulula ukuyishayela futhi nezinto zayo zisobala.

Emgwaqeni yakoSinembe unqamula ubheke Kwashisayo ngebanga lika-120 km ibicaphuma amalitha angu-6,5 okuwukonga okukhulu.

UGearbox weCVT bawuzame kakhulu uma uzoqhathanisa nezinye izinhlobo zezimoto. Awukho lomsindo ojwayelekile oqeda uthando.

Kuseyiyo injini yakuqala

ICreta iphuma nenjini engu 1.5 litre esebenzisa uphethroli ekhiqiza amandla afinyella ku-84kW no-144Nm.

Kuningi okusha obekungekho kweyangaphambilini njengendawo yokushaja iphone iwireless charger, ukudunyiswa ngokucindezela ibhathini, iLane Keeping Assist, iLane Following Assist, iReal Blind Sport Collision.

Okunye okusha kule Creta iLED daytime running light okungamalambu ongacosha inaliti phansi uma esekhanya. KwaHyundai benze okwehlukile ngokuthi bawakopelise ngenhla kwegrille.

Lonke uhlobo lweCreta luphuma newarranty yeminyaka engu-7 okanye ibanga lika-200 000 km kanye neservice plan eminyaka engu-4 okanye ibanga lika-60 000 km, neroadside assistance yeminyaka engu-7 noma ibanga lika-150 000 km

Intengo

Creta 1.5 Premium MT R449 900
Creta 1.5 Premium IVT R479 900
Creta 1.5 Premium IVT (Matte Edition) R484 900
Creta 1.5 Executive IVT R519 900
Creta 1.5 Executive IVT (Matte Edition) R524 900

Related Articles

Back to top button