
Amaphoyisa adubule abulala abasolwa ababili eNtuzuma
Bahle Mkhize
KUTHOLAKELE izibhamu ezimbili kubasolwa abadutshulwe babulawa amaphoyisa akwaZulu-Natal, eThekwini, eNtuzuma.
Laba basolwa babulawa nje kuthiwa yibo abadubule kuqala abakwasidlodlo ekubeni bafunelwa uxhaxha lwamacala okubulala nokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Elinye icala elisha bebefunelwa lona ukuzama ukubulala lapho badubula khona iphoyisa ebusweni..
Kubongwa ithimba ebeliholwa iDPCI Provincial Tracking Team, DPCI Anti-Gang Unit Provincial TRT, PMB K9, Provincial Forensics Leads Unit, Inanda SAPS Trio Crimes Task Team, Metro Police Special Operations Directorate, SAPS CI eThekwini District, Fidelity SIU, Hawks Protection Services and Magma Security & Investigations.
Izigameko ezifuze lezi seziyinsakavukela umchilo wesidwaba eThekwini.
ngoSeptemba 3 iPurpose ibike ngokudutshulwa kubulawe abasolwa abayisithupha kulandela ukudubulana namaphoyisa eSouth Beach, eThekwini ebusuku.
Labasolwa kubikwa ukuthi bebewuhlupho emphakathini futhi bebefunwa uthuli ngamaphoyisa.
Kubikwa ukuthi badubule abantu abahlanu emakhanda bebalalise phansi emgaqweni kwaNdengezi entshonalanga yeTheku.
Oyedwa wezisulu kubikwa ukuthi kwembulwa kwembeswa kuye esibhedlela.
Ngokubika kwamaphoyisa abafana abancane bebezihlalele eceleni komgwaqo ebusuku ngesikhathi behlaselwa yila basolwa.
Kuthiwa bafike ngemoto babalalisa phansi bebakhombe ngezibhamu base bebadubula bonke emakhanda.
Ngo-Agadti 19 sabika ngokusala enkundleni kwasayithseni wasesiteshini sakwaMashu owadliwa yinhlamvu wafa nokusolakala ukuthi wayehlangene nezigebengu ebezihujwa amaphoyisa.
Leli phoyisa nabanye abasolwa abahlanu kuthiwa baphange isitolo esise Richmond.
Bakhomba ngezibhamu umnini sitolo nabasebenzi bakhe bashaqa isibhamu sokuzivekala, isamba semali esingadaluliwe nezinye izimpahla.
Zikwenza lokhu nje lezi gila mkhuba zidlubhe imifaniswano yamaphoyisa.



