Izindaba

Uzogqunywa lize liqulwe uMogotsi ogqojwe ibheyili

Liyakhiza Mseleku

Usekude ukubona ilanga usomabhizinisi waseNorth West uBrown Mogotsi ophinde wanqatshelwa ibheyili.

IJohannesburg Magistrate’s Court ithole ukuthi uMogotsi akazange athule amaqiniso amasha, kodwa uguqule lokhu obekumele kukhulunyiwe enkantolo.

Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-8 July ukuze liqulwe.

Ngesikathi evele ngomhla ka-22 June  kuvele ukuthi ubelokhu exhumana nofakazi wombuso yize etokile.

Umphenyi kwecala utshele inkantolo ukuthi omunye wofakazi uphazamisekile nokuholele ekutheni avule icala.

UMogotsi uyaphika ukuthi ufonele ufakazi kodwa nasenkantolo ubonakale ephethe umakhalekhukhwini.

Abammeli bakhe bamphikelile bathi bamunike ngesikhathi efika enkantolo ukuze ezokwazi ukuxhumana nonkosikazi wakhe.

UMogotsi waboshelwa icala lokuzenza umgilwa esigamekweni sokudutshulwa eVosloorus ngonyaka odlule.

UMogotsi zamkhalela eqeda nje  ukwethula ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga.

Waboshwa ebesebheke ekhaya eNorth West.

Waboshwa yithimba leCrime Intelligence elalijutshwe uGeneral Dumisani Khumalo, abaseshi kanye namaphoyisa ophiko lwePKTT.

Kukholakala ukuthi uMogotsi wayelusiwe usuku lonke ngesikhathi ethula ubufakazi kwi Madlanga Commission.

Uphenyo ngaye selokhu lwaqa kusukela ngoNovember 2025.

UBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kuzwelonke ephawula ngesikhathi eboshwa wathi ithimba lamaphoyisa lithole iJ50 ebagunyaza ukuthi babophe uMogotsi.

“Uphenyo olifushane luveze ukuthi isibhamu esasetshenziswa kwenziwa lobo bugebengu sixhumene namanye amacala abucayi nanodlame okuhlanganisa ukubulala nokuzama ukubulala, ” usho kanje.

Nokho ke ubengaqali ukuvela enkantolo njengoba ngaphambilini wavela futhi.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button