
Uphume ngebheyili u-Emtee olale ebaliwe
Uphume ngebheyili ka-R1000 umrepha uMthembeni “Emtee” Ndevu ededelwa iMidrand Magistrate’s Court ngoLwesine.
Uphuma nje uchithe ubusuku bonke eqhuqhwa amakhaza asebusika.
Uvalelwe amaphoyisa emuva kokwephula incwadi yesivimbelo eyeyisayiniswe yilowo owayengunkosikazi wakhe uNicole Chinsamy ngo-2023.
Kuvela ukuthi lo mculi wodumo uzinikele yena emaphoyiseni ngoLwesithathu ebalekela ukufunwa abakwasidlodlo.
Inkantolo imnike imibandela enqala okubandakanya ukuthi angabhali lutho ngoChinsay ezinkundleni zokuxhumana.
Iphinde yamyalela nokuthi angaxoxi lutho nalo wesifazane aphinde asuse konke ayekubhale ngaye ezinkundleni zokuxhumana.
Inkantolo izwe ukuthi lo mrepha wabekwa isandla izikhawu eziningi nguChinsamy.
Uveze ukuthi abantu ngeke bamkholwe uma ebatshela.
Uphinde waveza ukuthi lo wesifazane umfuna kwagoqanyawo ngoba wambamba oqotsheni nakuba engacacisanga ke.
Umngani wakhe uSjava, amalunga omndeni nemenenja bebekhona enkantolo ukuzomeseka.
Imithombo ithi lo mrepha ngomhla ka-4 June wangena nezicabha la kuhlala khona uChinsamy wadonsa ummese ekhishini wathi akamqede lo wesifazane.
Ngaleso sikhathi uChinsamy wayegeza ingane lezi ezinye ezimbili zisesikoleni.
Icala liyaqhubeka, uzophinde avele enkantolo ngomhla ka-13 July.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



