Izindaba

Abokufika baphendule uMzansi kwampunzi edla emini

Sihle Mkhize

Abantu bokufika kuleli sebephendule iNingizimu Africa kwampunzi edla emini.

Isigameko sakamuva kuboshwe isifikanamthwalo saseNigeria kwatholakala kuso izidakamizwa zenani elingaphezu kwaR440 000 nezinye izinto ngoLwesithathu ebusuku.

Lo wesilisa uphinde amataniswe nobunye ubugebengu bezidakamizwa okubalwa eMlaza, Chatsworth naseMbilo.

Emva kokuphekwa ngemibuzo kuxoxwa naye uholele amaphoyisa eSAPS Economic Infrastructure Task Team, Provincial Drug and Firearm Unit, SAPS eThekwini District  neExcellerate K9 Unit eflethini lakhe eMbilo.

Kulapho ke amaphoyisa ethole khona icrystal method, imishini yokukhanda izidakamizwa nemali.

Amaphoyisa abe eseshaqa ipassport nemoto abeyisebenzisa.

Kulindeleke ukuthi avele enkantolo kungekudala.

Khonamanjalo, abasolwa  abadabuka eZimbabwe abamataniswa nokufa kwesosha leSANDF baboshiwe.

Izakhamuzi zase-Oukasie zizothola ukuphumula njengoba kuboshwe labantu abathathu nabebehlalise lubhojozi umphakathi.

La basolwa abagcini ngokuthinteka ekubulaweni kwesosha kodwa kunoxhaxha lwamacala okubalwa kuwo ukuphanga kuhlonyiwe namanye.

Sikhuluma nje kubalwa izinsuku njengoba abokufika abangenamaphepha benqunyelwe izinsuku ezingu-30 ukuthi baphume baphele eNingizimu Afrika ngomhla ka-30 June.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button