Izindaba

UPhakel’mthakathi uvume eyokuthanda intombi yaseZim

Sindiswa Nxumalo

Omunye wabaholi beMarch and March uPhakel’mthakathi Ndabandaba usegeze igama lakhe ezinsolweni zokuthandana nowesifazane ongenawo amaphepha amvumela ukuba kuleli.

UPhakela ubekhuluma kwiNsizwa Nobunsizwa Development Foundation ecacisa emva kwezinkulumo azibone zisabalale ezinkundleni zokuxhumana zokuthi unobudlelwano nowesifazane waseZimbabwe.

“Angikaze ngibe nomfazi waseZimbabwe, angeke ngibe nomfazi waseZimbabwe,” kusho uPhakela.

Uqhubeke wathi wake waba nayo intombi ayeyithanda kodwa wabona ukuthi ngeke kulunge wabe esehosha izinyawo.

Uphinde waveza ukuthi yena akasiye umuntu othanda ukuneka abantu kepha uma lento iqhubeka uzophoqeleka ukuba aveze ubufakazi obeseka inkulumo yakhe.

UPhakela ukuvezile ukuthi ukuba ingxenye yeMarch and March akusiyo inzondo ngenxa yegqubu thizeni.

“Ukube kuthiwa phela mina ngivikela abantu bokufika ngabe kubonakala ngezenzo zami, manje angibavikeli,” kusho yena.

Uqhubeke wathi ukube wagana ngabe uganile futhi, njengoba wayesho ukuthi nabakuleli abaqome abokufika abahambe nabo beyobagana.

Iqhaza elibanjwe uPhakela kwinhlangano yeMarch and March likhulu kakhulu njengoba ngomhla ka-30 June kuzoba nokhukhulela ngoqo kulindeleke wokuxoshwa abokufika..

Uxwayise ngokuthi ufisa lungabashayeli lolu suku bese lapha kodwa bahambe kusekuhle.

Related Articles

Back to top button