Ezemidlalo

I-SAFA iqinisekisa uxhaso lwezigidi kwi-VAR 

Sindiswa Nxumalo 

I-South African Football Association isiqinisekisile ukuthi ubuchwepheshe beVideo Assistant Referee (VAR) sebuzoqala ukusebenza ebholeni laseNingizimu Afrika.

Lokhu kuza ngemuva kokuthola uxhaso lukahulumeni olungu-R20 million.

USihlalo wekomidi lezimali le-SAFA, Mxolisi Sibam, umemezele lokhu ngemuva komhlangano weNational Executive Committee obubanjwe ngempelasonto.

“Uhulumeni ube nomusa kithi, usinike u-R20 million ukuze sifake i-VAR,” kusho uSibam.

Ngokusho kwe-SAFA, amalungiselelo okuqalisa lolu hlelo asekuqhubeke izinyanga eziyisikhombisa.

Kanti kulindeleke ukuthi i-VAR iqale ukusebenza ekuqaleni kwesizini ezayo.

USibam uphinde waqinisekisa ukuthi le mali igcinwe kwi-akhawunti ehlukile ukuze ilawulwe kahle.

Le nhlangano izosebenzisana ne-Premier Soccer League ukufaka i-VAR emidlalweni yasekhaya, ebholeni labesifazane kanye nasemiqhudelwaneni kazwelonke.

Kulindeleke ukuthi lokhu kunciphise izinqumo eziyimpikiswano zonompempe futhi kuthuthukise ubulungiswa ebholeni laseNingizimu Afrika.

Emidlalweni yakamuva nje kugqame amaphutha amaningi:-

1. IMamelodi Sundowns incishwe Igoli engabe libaliwe idlala neStellenbosch.

2. USiphesihle Ndlovu akawatholanga amakhadi amabili abomvu abemfanele.

3. UTashreeq Mathews unqatshelwe uqekelele wephenathi zakhe idlala neKaizer Chiefs.

4. Umsizi kanondweba uphakamise iduku ephikisa igoli likaLeon bedlala neSiwelele.

5. Iphenathi engafanele inikwe iSiwelele.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button