
Ufike ezwile u-Adams ozovela enkantolo
Sihle Mkhize
Uzovela namhlanje enkantolo umholi weNational Coloured Congress uMnuz Fadiel Adams.
Lo mholi uchithe amahora cishe angu – 31 emgaqweni esuka eKapa ebheke KwaZulu-Natal ngemuva evenini.
Uboshelwe izinsolo zokuphazamisa uphenyo lokubulawa komunye wabaholi be-ANC Youth League, Sindiso Magaqa.
Umholi we-EFF uJulius Malema ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lesi usenzo sibi.
“Lokhu kwakwenziwa uhulumeni wobandlululo kuSteve Biko. Kungazwakala kahle noma kubukeke kahle emehlweni wenu kodwa akusikho ubuntu lobu futhi kunendelelo. Ubani lo, umbulali noma ilunga elihloniphekile lePhalamende?” kuphawula uMalema efake nesithombe sika-Adams evele ngemuva evenini.
Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uqinisekise ukuthi u-Adams usefikile eThekwini.
” U-Adams uboshwe ngoLwesibili eCape Town mayelana necala lokuphazamisa ukusebenza komthetho nokukhwabanisa. Ngenxa yezokuphepha u-Adams ngeke agcinwe esitokisini eWestville. Ngeke sidalule okwamanje ukuthi uzogcinwa kuphi,” kuchaza uMathe.
Uboshwa nje u-Adams wahluleka ukuhlangabezana nonqamlajuqu wokuzinikela ayebekelwe wona.
Ngokophenyo lwamaphoyisa athi ithimba lawo lithole ukuthi u-Adams wagxambukela. Lokho kuvela kwinkabi asigwetshiwe ngesikhathi uphenyo lwabo lusezingeni eliphezulu.
Amaphoyisa athi kade ephansi phezulu ezama ukumthungatha aze afika nalapho kuthiwa uhlala khona kodwa dololo akatholakali.
Izinhlelo zokuthi azinikele emaphoyiseni zenziwe nommeli wakhe ngoMsombuluko eCape Town Central Police Station kodwa wangawubamba umshini.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



