Izindaba

IPKTT icela azinikele u-Adams ofunelwa amacala abucayi

Sihle Mkhize

Angenile amanzi endlini amaphoyisa ophiko lwePKTT acela umholi weNational Coloured Congress uMnuz Fadiel Adams ukuba izinikele emaphoyiseni aseduze.

Lokhu kulandela ukuthi ehlulekile ukuhlangabezana nonqamlajuqu wayizolo. Incwadi yokumbopha isiphumile usolakala ekuphazamiseni uphenyo lokubulawa komunye wabaholi be-ANC Youth League, Sindiso Magaqa, inkohlakalo namanye.

Ngokophenyo lwamaphoyisa athi ithimba lawo athole ukuthi u-Adams wagxambukela. Lokho kuvela kwinkabi asigwetshiwe ngesikhathi uphenyo lwabo lusezingeni eliphezulu.

Amaphoyisa athi kade ephansi phezulu ezama ukumthungatha aze afika nalapho kuthiwa uhlala khona kodwa dololo akatholakali.

Izinhlelo zokuthi azinikele emaphoyiseni zenziwe nommeli wakhe ngoMsombuluko eCape Town Central Police Station kodwa kuze kube manje akawubambi umshini.

Bekufanele ngabe uvele enkantolo ngoMsombuluko KwaZulu-Natal kodwa kwangenzeka lokho.

Amaphoyisa athi akukho angakwenzanga ukuzama ukuxhumana naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Njengamanje abakwasidlodlo bathi bacela ngomoya weSonto.

Muva nje u-Adams usanda kuvela kuthelevishini eshiya angalazi ethi amaphoyisa afike emzini okungesiwo ezivale ubuso ehlome ezingovolo.

Uthi afike ashaya ingane eneminyaka engu-12 ubudala agqekeza umuzi womuntu ehlulwa ukuthola ukuthi uhlalaphi.

Uze wathi uhulumeni ukhipha isabelozimali ezishisiwe minyaka yonke emaphoyiseni kodwa bahlulwa ukuthola lapho ehlala khona.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button