
Kube manzi phansi amaphoyisa egasela emzini General Shiburi
Zakithi Mnguni
Kushube isimo ekuseni ngoMgqibelo, eGoli, ngesikhathi amaphoyisa egasela emzini General uRichard Shiburi.
Ngokusho kwemithombo esondelene nophenyo, amaphoyisa afike cishe ngo-7 ekuseni, angena emzini wakhe apequlula ashiya izinto zibheke phezulu.
Kuthiwa kuthathwe izibhamu ezisemthethweni kanye nemishini kagesi, okuhlanganisa omakhalekhukhwini namacomputer.
Lo mkhankaso uyingxenye yophenyo oluqhubekayo lweKhomishini kaMadlanga, eholwa yiJaji elisathathe umhlalaphansi uMbuyiseli Madlanga.
Le Khomishini ibheka izinsolo ezibucayi, ezifaka phakathi inkohlakalo, ukungenelela kwezombusazwe, kanye nokungena kwezigebengu ohlelweni lwezobulungiswa.
Igama likaShiburi selivele kaningi kule Khomishini, ikakhulukazi mayelana nobudlelwano bakhe nosomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala.
Kukhulunywa nangemali ebikwa ukuthi ‘wayeyibolekile’ engu-R70 000, kanye nezinsolo zokuthi kungenzeka yena noma abantu abasondelene naye baxwayisa uMatlala ngaphambi kophenyo olwenziwa ngoZibandlela ka-2024.
Lokhu sekulethe ukukhathazeka emphakathini, lapho abanye bekhala ngokwehla kokwethembeka emaphoyiseni, kanti abanye befuna iqiniso liphume obala.
Okwamanje, akukabikho muntu oboshiwe mayelana nalolu daba, kodwa kulindeleke ukuthi imininingwane eyengeziwe ivele ezinsukwini ezizayo.
Kulindeleke nokuthi kungaba khona namanye amacala azobekwa.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



