Izindaba

Zilahlwe elakubo izigelekeqe ebese ‘zishayisile’ 

Sindiswa Nxumalo

Zilahlwe elakubo izigelekeqe ezine ezibambe inkunzi isitolo sokudla eHarding, KwaZulu-Natal.

Lezi zigilamkhuba zithe seziqedile sezibaleka ngemoto ngoMgqibelo ebusuku kanti azibuzanga elangeni ithimba lamaphoyisa iRTI, eKokstad labahlala ezithendeni.

Sebebona ukuthi kuphela amaqhinga nokusa abathathu babo baphume imoto ihamba kwasala umshayeli nogcine ngokubanjwa waboshwa.

Amaphoyisa aphinde athola utshwala obebuntshontshiwe kanye nensavunsavu yemali.

Kube sekuvela umnikazi wesitolo wakwazi ukukhomba imali etholakele njengaleyo ephangiwe, nokuqinisa icala elibhekene nabasolwa.

Kube sekuvulwa icala lokuphanga kuhlonyiwe, kanti uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale abasolwa abathathu abaleke ngezinyawo.

Lesi sigameko silandela ezinye zakamuva esifundazweni.

Sisanda kubika ngezigebengu ezishiye kungekho lutho ebhange likathishanhloko ebezimthumbe engena eMkhazini, emzini wakhe.

Lo thisha oneminyaka engu-55 ubudala uthunjwe abesilisa abahlanu abebehamba ngeToyota Avanza.

Ngesikhathi bemthumba bantshontshe izimpahla zakhe okubalwa nobhazabhaza weTV.

Lezi zigelekeqe bezilandelwa amaphoyisa akwaMakhutha naseNanda nokuholele ekutheni atholwe eNanda, eNewtown A.

Umgilwa utholwe yedwa endlini kumatrasi eboshwe izandla.

Nokho akuphelanga ngisho amahora angu-15 kwaboshwa umsolwa oyedwa.

Kwesinye isigameko sakamuva kuthathe isikhathi esingaphansi kwamahora angu-12 ukuthi amaphoyisa abambe izigebengu ezinhlanu ezihlomile eziphange isitolo sobucwebe eGateway.

Ubucwebe obuphangiwe okulinganiselwa ku-R2 million butholakele.

Amalungu eSAPS Economic Infrastructure Task Team, iProvincial Murder and Robbery Unit kanye neProvincial Tracing Task Team athole amadoda amathathu endaweni abecashe kuyo eMlaza eningizimu neTheku.

Abanye ababili babanjwe emgwaqeni uN2.

Bonke abasolwa baneminyaka eko-20 noma-30.

Izisebenzi ezimbili zezokuphepha zadutshulwa zalimala ngesikhathi kuphanga kuhlonyiwe.

Related Articles

Back to top button