Izindaba

Aseziphilisa ngokuwasha amawindi amasosha adliwa yindlala

Lethukuthula Zulu

Isosha leSouth African National Defence Force (SANDF) ligcine liphumela obala ngokuthi beliphoqwa indlala ukuwasha amawindi ezimonto ezimpambanweni zemigwaqo ematasa eLimpopo.

Leli sosha libonakale ligqoke umfaniswano liwasha uhlobo lweToyota amawindi limemeza lithi “u R5 ulungile”.

Abashayeli bezimoto baqale bacabanga ukuthi uhlelo olusha lukahulumeni olubizwa ngokuthi i-Operation Clean Vision, kodwa kamuva baqaphela ukuthi yindlala nje.

“Siqeqeshwe ukubhekana nanoma isiphi isimo,” kusho isosha ngenkathi lifaka indwangu yalo ebhakedeni elaliphethe.

“Uze wangisalutha ngemuva kokumnika uR10,” kusho umshayeli wemoto obonakale ethintekile.

Imithombo engaphakathi kwe-SANDF ithi babhuqwabhuqwa indlala kangangokuthi amanye amasosha manje acabanga ngemisebenzi eseceleni efana nokuqapha amatekisi amanye ukuwasha amawindi ezimoto namalambu nokunikezala ngezinkulumo ezikhuthazayo emarobhothini.

Elinye lamasosha lithe:

“Sasivame ukuvikela imingcele. Manje sizivikela endlaleni.”

UMnyango Wezokuvikela ukhiphe isitatimende esifushane esithi “Siyazi ngalesi simo futhi siyaphenya.”

Abazange bacacise ukuthi baphenyani.

Sunday Times

NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169

 

Related Articles

Back to top button