
Uchithwe inkantolo kumamillions umshadikazi ophingayo
Sane Mseleku
Owesifazane usale enkemile ngesikhathi inkantolo inquma ukuthi angatholi lutho kwimpesheni yomyeni wakhe.
IJaji uNoluntu Bam uthathe isinqumo enkantolo enkulu yaseGoli, ngesikhathi kuthethwa icala lokwehlukanisa phakathi kwenkosikazi nendoda.
Laba shadikazi bashada umshado ohlanganisa amafa ngonyaka ka-2011, kwathi ngonyaka ka-2020 bathatha isinqumo sokuhlala ngokuhlukana, ngoba bebona ukuthi umshado wabo uphelile.
Bathatha isinqumo sokuhlukanisa yonke into, kodwa indoda yala nempesheni yayo engango R2.3 million, ngenxa yokungaziphathi kahle kwenkosikazi besashadile.
Ngesikhathi icala lisaqhubeka inkantolo yathola ukuthi inkosikazi ayikaze isebenze nhlobo ngesikhathi besashadile, yaphinde yaba nobudlelwane nomngani wendoda yakhe besahlala ndawonye.
Indoda iphinde yabika ngokuthola kwayo ukuthi usenengane yesithathu ayithole kwenye indoda.
Yathola ngezithombe ezazifakwe kwenye yezinkundla zokuxhumana uFacebook. Ijaji libone kuyihlazo futhi kuwuku hlambalaza indoda lokhu.
Ijaji uBam livumelane nendoda, ukuthi akufanele neze athole impesheni yakhe ngenxa yokungaziphathi kahle kwenkosikazi, ukuphinga emshadweni nokuthola ingane, aphinde akunekele izwe.
Inkantolo isivumile isihlukaniso yabe isinquma ukuthi bahlukanise yonke into ngokulingana, ngaphandle kwempesheni.
Yabe isibeka imibandela yokunakekelwa kwezingane. Umuntu ngamunye kuphoqeleke ukuba azikhokhele izindleko zomthetho.



