
Kugwazwe isosha abaseZim beqa umngcele
Morgan Ngwazi
Lisinde kukubi isosha lakuleli ngaphansi kweSouth African National Defence Force (SANDF) ligwazwa owaseZimbabwe obezama ukweqa umngcele nabanye ngaphandle kwamaphepha.
Leli sosha elichazwe ngoT.M Rifleman Mokoena nebelise msebenzini lihlaselwe lathola inxeba lokugwazwa engalweni.
Nokho, ngenxa yezinga eliphezulu lokuqeqeshwa elihlinzekwe uMbutho wezoVikela, uMokoena ukwazile ukuzihlangula ngaphandle kokusebenzisa indlakadla.
I-Defence Intelligence Services iluthathile lolu daba ukuze iqhubeke nokulisebenza.
UColonel Dikgabane Herold Tladi, oyisikhulu esiphezulu eLimpopo uncome amasosha wakuleli ngokuzithiba nokusebenza kwawo ngobuchwepheshe.
“Mokoena uthole ukwelashwa ngokushesha abezokwelapha bethu abangochwepheshe. Laba bantu abebengenazo izincwadi banikezelwe ophikweni lweSouth African Immigration Services bengenamyocu” kusho uTladi.
Uphinde wafisela uMokoena ukululama okusheshayo.
La masosha abhekana nale nkinga nje iqonge kakhulu ngobusuku obandulela uKhisimusi kanye nosuku lwango mhla ka-26 kuDecember kulo nyaka.
ISANDF ibambe futhi yabopha abantu abangu-1,174 baseZimbabwe ababezama ukungena eNingizimu Afrika ngokuwela imingcele ngokungemthetho.
“Lokhu kungokokuqala ngqa ukuthi amalungu ethu alawule ukutheleka kwabantu abaningi kangaka ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi,” kuqhuba isitatimende.



