
Kuxabene ubendle kweyokuhlukanisa unyaka kuKhozi FM
Bahle Mkhize
Zimb’izinto abaculi abahamba phambili kweyokuhlukanisa unyaka esiteshini somsakazo Ukhozi FM bekhala ngokudliwa kwamandla wabo.
Abaculi abakhala ezimathonsi uMafikizolo noMawhoo.
“Abantu bakhala ngokuthi mabevotela ingoma-F kweyokuhlukanisa unyaka kubuya iSMS ebongela ingoma-A kumele vele? kubuza uMafikizolo ebhansela nge-emoji ekhombisa ubuso obudangele.
Eqhuba uMafikizolo uthe vele ikhona ingoma enohlamvu-A ezingomeni eziku top 10.
“NoMawhoo ukhala ngaleso mzala, kucacile uphondo lolu” kuphawula umlandeli uMncedisi Ngubane.
“Ngiqeda kuvota manje uqinisile” kuphawula uNgabelwe Czah.
“Mfowami kuno mkhonyovu esingawazi kulesiya steshi, mina angisathembi nje lutho yingakho singasalulandeli uKhozi” kuphawula uSthembiso Khwela.

UMawhoo naye ubhodle emswaneni ngale nkinga abhekene nayo.
“Ngibheka imiyalezo mayelana nengoma yami, njengoba iqokiwe, futhi yenza kahle abantu abayivotelayo, ukunombolo-2, kuba uMafikizolo bese kuba yimina”
“Abantu abaningi bakhala ngokuthi uma bevotela ingoma-E uma sekubuya imiyalezo ubuya usubongela ingoma ebhalwe uhlamvu lomunye umuntu, angiyiqondi le” kubhodla uMawhoo.
“Abantu bangithumelela imiyalezo kumaDM abanye bavota kawu-70 abanye kaningi. Ngicela niyilungise leyo, angifuni kudliwe amandla wami ngoba nami ngiyazizamela” kuqhuba yena.
Uthi ubejabulile ukuthi ingoma yakhe ikutop 10 kuKhozi FM okokuqala ngqa, nakhu sekwenzeka lokhu uthi ucela ilungiswe ngokushesha lenkinga.
Njengamanje kulo mncintiswano weNgoma Ehlukanisa Unyaka, kuhamba phambili ingoma kaMafikizolo ethi Uyoncengwa Unyoko.
Izibalo zakamuva ziveza ukuthi ilandelwa yiBengicela kaMawhoo epike uGL Ceejay, Thukuthela noJazzwrld.
Umsindo mkhulu nje, lehlile isasa ngoKhozi FM selokhu imbangi iGagasi FM imemezele uLinda Sibiya njengomunye wabasakazi abazohlukanisa unyaka eGagasini.
Iningi labalaleli likubeke ngembaba ukuthi lihamba neGagasi.
Ukhozi FM luxolisile ngalobu buhixihixi.
“Izandla zedlula ikhanda kubo bonke abasheshe balubona loludaba basazisa ezinkundleni zethu zokuxhumana, nabakhombisa ukukhathazeka kwabo.
Njengomsakazo wakho Ukhozi FM sisazibophezele ekusebenzeni ngendlela engakhethi bala lamuntu, nendlela ecacile enobuqotho uma kukhethwa Ingoma Ehlukanisa Unyaka” kubhala Ukhozi kwisitatimende.



