Izindaba

Kungqongqiswe amabhasi ayishumi ezintatha

Philasande Luthuli

Kuphenywa amacala okungqongqisa amabhasi ayishumi esikhumulweni samabhasi eBarberton, eMpumalanga.

Kuthiwa lamabhasi angqongqiswe ezintathakusa kuzosa kube uLwesithathu (namhlanje).

Ngokombiko wamaPhoyisa yinye ibhasi eyokheleke ngomlilo ngesikhathi unogada esampampa efuna usizo kwabezichishamlilo ubhebhethekile lo mlilo.

Lokho kuholele ekutheni kugcine sekungqongqa ayisishagalolunye ngaphezulu.

Njengamanje akukacaci imbangela yalo mlilo, amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi axhumane nawo ku-08600 10111.

UMajor General (Dr) Zeph Mkhwanazi, oyi-Acting Provincial Commissioner kwaSAPS eMpumalanga, uveze ukuthi amaphoyisa ngeke akuthole ukuphumula kuze kutholakale umnyombo wakho konke lokhu.

“Sisibonile isitatende esikhishwe uNgqongqoshe wePublic Works, Roads and Transport. Sizoqinisekisa ukuthi sihlanganisa ithimba elizophenya ibheshu. Njengamanje silindele noma yini,” kusho uMkhwanazi.

Khonamanjalo, kuso lesi sifundazwe ngomhla ka-5 December iPurpose ibike ngabalisa ababili baseZimbabwe abavela enkantolo kaMantshi eMkhondo.

Baboshelwe ukutholakala nensanda yensangu ngomhla ka-4 December kuN2 eduze naseMahamba.

Labo nguTinashe Chitsamba (40) no-Oscar Mutsetemari (45).

Le nsangu ibalelwa ku200kg ingabiza R1,2 million. Baboshelwe necala lokuba kuleli ngokungemthetho.

Labasolwa bayoze baphinde bavele enkantolo ngomhla ka-28 January 2028.

Related Articles

Back to top button