EzokungcebelekaIzindaba

Ushwebile umculi obefuna ukudlela uKhisimusi ekhaya

Aphe Cebekhulu

Usazogqunywa ejele umculi waseLimpopo, uLehlogonolo Katlego Chauke, odume ngoShebeshxt emculweni onqatshelwe ibheyili.

Umhla ka-18 February 2026 wusuku iNkantolo yeMantshi yasePolokwane,
enqume ukuthi abuye ngalo ezofaka isicelo futhi.

Unqatshelwe ibheyili ngoLwesithathu ngamacala amabili okuzama ukubulala.

Kubikwe ukuthi ayisishiyagalolunye esewonke amacala abhekene nawo.

Uboshwa nje lo mculi uhluleke ukuziphatha njengoba ubevele engaphandle ngebheyili ngamanye amacala kodwa waqhubeka nokuba uskhwili phambana nobhoko njengoba evalelwe kumanje.

Bekungekhona okokuqala ezama ibheyili ehluleka lo mculi weLikompo oboshwe ngomhla ka-12 ngoNovember.

“Ukuboshwa kwakhe kusukela esigamekweni esenzeka ezintatha ngeSonto, ngomhla ka-19, October emgwaqweni uWitklip eLadanna ngaphandle kwaseLimpopo. Kusolwa ukuthi umsolwa waxakazisana nomunye umshayeli wase edubula kaningi kwenye imoto kwalimala kanzima umgibeli oneminyaka engu-34, owaphuthunyiswa esibhedlela esiseduze,” kusho isitatimende samaphoyisa ngesikhathi eboshwa.

UMphoza Mashabela ongusihlalo weLimpopo Artists Movement ekhuluma ezindabeni zeSABC, uthe bazodlulela enkantolo enkulu beyomcelela khona ibheyili, ikakhulukazi ngoba yisikhathi samaholidi kaDisemba.

Abaculi bakuleli asebeke baboshwa bavuka bazithatha bangaphindela emuva kubalwa uLehlogonolo Katlego Chauke, Samthing Soweto, Nathi Mankayi, noJub Jub, Pitch Black nabanye kodwa uShebeshxt kubukela encamala impilo yasejele.

Uboshwa nje lo mculi kunohide lwemicimbi amenywe kuyo kulo December ukuzonandisa.

Related Articles

Back to top button