EzokungcebelekaIzindaba

Owamadread phambili kwabafunelwa elokufa kwaDJ Warras

Sane Mseleku

Amaphoyisa aseveze ukuthi kunabasolwa abathathu abafunwayo ngokufa ku-DJ Warras.

Abakwasidlodlo bathi kwi-CCTV ama-video akhombisa ukuthi abasolwa abathathu bayabandakanyeka esigamekweni sokudutshulwa kuka-DJ Warras.

Ngokusho kwabaphenyi, ifootage ithwebule ushayasibhamu onama-dreadlock eza edubula umufi ngesikhathi efika emotweni yakhe.

Ngemuva kokudutshulwa, u-DJ Warras uzame ukubaleka kodwa waphelela endaweni yesigameko, akukho lutho oluntshontshiwe, oveza ukuthi ukuhlasela bekungekhona ukuzogebenga.

Amaphoyisa aphinde akhombe umsolwa wesibili obegqoke izingubo ezingu umfaniswano wonogada, obonakale noshayasibhamu ngemuva kwesigameko kumbe nguye okhande itulo

Umsolwa wesithathu kukholakala ukuthi ube nesandla kulesi sigameko.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi eyohlola amanye amabhilidi agadwe yinkampani yakhe yonogada.

Kuthiwa inkampani yakhe ibiphinde ilekelele ekukhucululeni kukhishwe labo asebethathe amabhilidi angasetshenziswa ngenkani.

UWarras wayeshayela uhlelo lwantambama kwiGagasi FM phakathi kuka 3 no-6, kusihlwa ebambisene noNomalanga Shozi.

Kumanje amanye amalunga omndeni asendaweni yesigameko kanti kusazanywa ukuqinisekisa imbangela yokuhlaselwa abulawe kwakhe.

UNgqongqoshe wezeMidlalo ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie ubhodle emswaneni ngokubulawa kwaWarras.

“Ngidiniwe, futhi ngidinwe kakhulu ukuthi uDJ Warras angabulawa kabuhlungu kanje, ubewumuntu olungile othanda izwe lakhe, kanye nabantu. Ubelikhuluma iqiniso futhi elimela, ngoba ngisho nami njengo Ngqongqoshe wake wangifaka endleleni ngesinqumo ayengahambisani naso”

“Ubengahambisani nokudliwa kwezindawo zakuleli abangaphandle. Ngikhuluma nje ngelinye ilanga samqasha njengoDJ ezodlalela abangaphandle kwenye yemicimbi. Njengoba ngithi ubengayifuni eyokuntshontshwa kwezindawo, ngiyazi futhi nginesiqiniseko sokuthi ubulawe abanye bangaphandle abalapha ngokungemthetho”

Related Articles

Back to top button