Business

Iwoza woza kubathengi kwimizi yaseWestville – ucwaningo

Sihle Mkhize

Ucwaningo lwakamuva seluveze ukuthi abathengi bemizi ikakhulukazi eWestville, eThekwini, banenimnyaka engaphansi kwa-35 ubudala.

Lezi zibalo ziveza ukuthi cishe bonke abathengi bemizi phakathi kwaNovember 2024 no-October 2025 iningi labo liyaqala ukuba nemizi.

Iningi lemizi kule ndawo liqala kuR2 million kuya kuR2.5 million, ukudeda kwegceke kube u-2 000 sqm, namakotishi noma indawo ongakwazi ukunweba umuzi kuyo.

UMnuz Ebrahim Desai, oyimenenja eWestville ezindlini zakwa Pam Golding uthi yize abantu bethutheleka eWestville, amanani akhona anyuke ngo 26.9% eminyakeni emihlanu edlule kanti eminyakeni engu-15 yanyuka ngo-39.5%.

UDesai uthi ukusuka eWestville ulibhekise enkabeni yeTheku kuba yibanga elingu (10.4km), izimoto zokugibela insanda, King Shaka International Airport, izikole ezisezingeni eliphezulu, imigwaqo enezihlahla ezinhle nomphakathi obumbene yikho okudonsa abantu kule ndawo.

Ngale kwalokho lamajalidi anezindawo zokusebenza okubalwa iWestway Office Park, Derby Downs kanye neWestmead.

Iningi lemizi eWestville ligcwele amaduplex okuyimizi emibili exhumene neminyango yayo.

Yona imvamisa iqala kuR2.3 million iya kuR2.7 million inamagumbi amathathu okulala.

Kuthi ama duplex anamakamelo amabili okulala kube ajwayelekile nakhona kuyaphoqa ukuthi athuthukiswe.

UDesai uphinde wengeza ngokuthi izindlu ezinamakamelo amabili okulala engango 80 sqm kuma estates okubalwa iWestwood aqala kuR1.3m–R1.4m, kuthi lezo ezinamakamelo amathathu adayisa ukusuka kuR1.8m-R2.3m.

Related Articles

Back to top button