
Udilikajele kobedlwengula indodakazi yakhe
Amanda Mjaja
Owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula indodakazi yakhe.
Le ndoda engeke idalulwe iNational Prosecuting Authority (NPA) igwetshwe eNewcastle Magistrate Court ngoLwesithathu.
Ngokusho kwe NPA lomlisa kuvela ukuthi kade waqala ukudlwengula indodakazi yakhe kusukela ngo-June 2022.
Okhulumela i-NPA esifundeni uNatasha Ramkisson-Kara uthe le ntombazanyana yayihlala nonina ongayizali, uyise kanye nezingane zakubo ngesikhathi idlwengulwa.
Uthi ngesikhathi kuqulwa icala enkantolo, umshushisi uThulisile Shabalala nguye obehola ubufakazi bukamama obengufakazi wokuqala.
Ebufakazini bakhe, uthi lesi sigameko siphazamise indodakazi, okuholele ekutheni isuke kule ndawo.
Ummangali nodokotela owahlola umgilwa bafakazile nabo.
Umsolwa ugwetshiwe, futhi watholakala engakufanele ukuba nesibhamu.
“Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi igama lakhe lifakwe ku-National Register for Sex Offenders”, kusho uRamkisson-Kara.
Uqhubeke wathi wayenyonyobela lentombazanyane ngesikhathi ekamelweni layo ebusuku ayidlwengule, qede ayisabise ngokuthi uyoyigila silo ssngubo uma ike yakhuluma,”
“Ummangali wayesaba ukubika lolu daba kumama wakhe ngoba ecabanga ukuthi wayengeke amkholwe,”
“Lendaba yavela ngesinye isikhathi, lapho uninaz evuka ebusuku eqaphela ukuthi umyeni wakhe wayengekho ekamelweni lokulala,” kusho uRamkisson-Kara.
“Wamqalaza endlini wamthola edlwengula umgilwa. Umsolwa wabaleka egumbini, ngenkathi umama ekhuluma nentombazanyane imtshela ukuthi sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba,” kuqhuba uRamkisson Kara.
URamkisson uthi udaba lwabikwa emaphoyiseni, kanti umgilwa wayiswa eMadadeni Thuthuzela Care Centre (TCC).
Umsolwa wabaleka kule ndawo ngemuva kokubikwa kwaleli cala emaphoyiseni waze waboshwa eThekwini.
Kwenzeka lokhu ngemuva kokulandelwa ngomshini wokulandelela imoto (tracker).



