Business

Baphuma beyimqemane ngamakhambi ka-Easy Life 

Sihle Mkhize

Ubone lukhulu esakhula uMnuz Sya Nxumalo osesize inqwaba yabantu ngamakhambi emvelo ase-Asia njengoba eselapha abantu.

UNxumalo ngesikhathi esakhula ubengaphansi kwesandla sikagogo ephuma engena ezibhedlela naye impilo ingeyinhle.

UNxumalo naye useke waba yisisulu sokuphathwa isifo sama ulcer iminyaka eyishumi ekukhuleni kwakhe.

Lokhu kumenze wakhula enothando lokusiza abantu nokuthe ngokuhamba kweminyaka walapha abantu ngemikhiqizo yakwa-Easy Life.

Kumanje le nsizwa ezinze eManzimtoti isisize abantu abanezifo okubalwa umdlavuza, ushukela nezinye ngala makhambi.

Kunenqwaba yemikhiqizo esiza ekuvikeleni nasekunqobeni izifo ezahlukene.

Phakathi kwemikhiqizo anayo kubalwa iXiangzhiling ehlanza igazi kodwa akaninkwa umuntu onezitho zokufakelwa okubalwa izinso, insimbi emzimbeni, isibindi nokunye.

UNxumalo ukusho lokhu ngoba ethi leli bhokisi elinamabodlela angu-16 liyisiqhwaga.

“Ngisho nobuthi bemamba emnyama uyakwazi ukububamba ngaphambi kokuthi busabalale umzimba wonke”

“Kuphinde kube neGanoderma Coffee esiza kakhulu kubantu abahlezi benomzwangedwa nabenza imisebenzi ebagqilazayo ngokomqondo.

Leli khofi lakhiwe ngekhowe lase-Asia eliphinde lisize ekugijimeni kwegazi kuvuke nemizwa elele.

UNxumako uphinde agabe ngeWhite Coffe Hazelnut elihle kubantu abanesifo samathambo, esenhliziyo nomdlavuza.

Nesiphuzo sePlum esisampuphu senza imilingo njengoba noma ngabe uvuthuka ubuso siyelapha kanye nezinwele eziqothukayo.

Kuphinde kube nelinye ikhambi elibizwa ngeSterm Cell ulifaka ngaphansi kolimi bese livusa yonke imithambo esemzimbeni kanye namahluli ayahlehla.

Lo msebenzi kaNxumalo usukhule ngendlela yokuthi akasahlali ndawonye njengoba esemningi eMpangeni, Richardsbay, Manguzi nezinye izindawo.

Kubantu abafisa ukusizaka uyabanxusa ukuthi bajoyine babe ngamalunga e-Easy Life ngoR200 nje kuphela ukuze bathole izaphulelo uma bethenga imikhiqizo.

Bangakwazi futhi ukudayisela abanye abantu benze inzuzo.

Kulabo abafisa ukusizakala uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana.

Facebook: Siya Health Organic Supplements

Contact : 078 537 6167

Tik Tok : Siyah Health Organic Supplements

Related Articles

Back to top button