Izindaba

‘UKhomishana wamaphoyisa ubehambisela ukudla uMolefe ejele’

Philasande Luthuli

Khomishana wamaphoyisa eSedibeng uBrig Mbangwa Nkhwashu wayelethela ukudla nezingubo uKatiso “KT” Molefe ngesikhathi eboshiwe.

Lobu bufakazi buthulwe ngoLwesithathu kwiKhomishana ephenya ngamacala obugebengu, ukugxambukela kosopolitiki  nenkohlakalo ngaphakathi kumaJaji.

Lobu bufakazi bebethulwa kwiBrigitte Mabandla Justice College ePitoli.

Ufakazi wesibili naye ungumseshi emaphoyiseni ophikweni i-Organised Crime, yena ubefakaza ngakwaziyo njengoba engumphenyi kulamacala ezidakamizwa.

Ubufakazi bakhe bebuholwa u-Adv Thapelo Pooe.

Eqhuba nobufakazi bakhe ufakazi uthe uNkhwashu wavakashela uMolefe ngesikhathi eboshiwe ngomhla ka-9 December.

UNkhwashu wafika kancane nje emuva kokuboshwa kwaMolefe eSandhurst, Sandton, eGoli ngomhla ka-6 December.

UMolefe waboshelwa izinsolo zokufa kwanjiniyela waseVereeniging u-Armand uSwart, lo fakazi nguye ongumphenyi ecaleni lokufa kwaSwart.

“Inhloko yejele yangibiza ingazisa ukuthi uNkhwashu ubevaskashele uMolefe ejele, futhi ufike ngemoto enganapleti nokuyinto ethusayo. Wafika wathi uyisihlobo sikaMolefe uzele ukuzomnika ukudla nezingubo,”

“Ojele bazithatha izimpahla kodwa bakunqaba ukudla bethi akuhambisani nemigomo yejele. Lokhu kwanyusa izinhlozi koJele nokwenza ukuthi bangifonele bangazise,” kulandisa lo fakazi.ho is a whistleblower.

Kuzokhumbuleka ukuthi umseshi uMichael Pule Tau (55) nenkabi uMusa Kekana (35), Tiego Floyd Mabusela (47) baboshwa ngo-April  nyakenye mayelana necala lokufa kwaSwart.

UMolefe (61) yena waboshwa wabekwa icala lokufa kwaSwart ngoDecember ngonyaka odlule.

UKekana noMabusela banqatshelwa ibheyili yatholwa uTau kuphela khona ngonyaka odlule.

UTau waboshelwa endlini ngoJuly nyakenye kodwa ngoSeptember wonyaka ofanayo wabuyiselwa ejele ngenxa yokuphazamisa imibandela yebheyili yakhe.

Kumanje uMolefe ungaphandle ngebheyili engango-R400, 000 ayinikwe yiJohannesburg High Court ngo-October

Related Articles

Back to top button