Business

Kulala kudliwe ngenkampani yonogada kaMzimela

Sihle Mkhize

Akazikholwa lapho ephuma khona uma ebheka ibanga aselihambile uMnuz Mfanafuthi Mzimela (36) ongumnikazi we-Isibuko Esihle Security Services ekhula ngesivinini.

Elandisa iPurpose uMzimela ngohambo lwakhe uthi uthando lokuvula le nkampani lwaqala ngesikhathi esaqashwe njengonogada (bouncer) ezindaweni zobumnandi.

Uthi lwaqala lapho uthando ngeminyaka ka-2015 kodwa ukuyiqala kahle le nkampani kube u-2018.

Phakathi kwemisebenzi agxile kuyo kule company ubale Alarm & CCTV System, Armed Response 24/7, Security, Events Coverage, VIP Protection, Escorting, Automation Gate, Electronic Fence nokunye okuningi.

UMzimela uzinze eningizimu neTheku, eLovu, lapho kukhona namahhovisi enkampani.

Nakuba kubukeka kuntwela ezansi ebhizinisini likaMzimela kodwa njengakuyo yonke indawo yokusebenza kuhlale kunezingqinamba.

Akhala ngakho kakhulu uMzimela ubugebengu okudlangile eLovu namaphethelo.

“Izigilamkhuba kokunye zingena ezindlini zabantu zifike zibabophe bese ziyazitapela empahleni endlini. Kokunye ngisho nonogada bethu bavika zona lezi zigebengu ukugcina ukuthula nezokuphepha,” usho kanje.

UMzimela uthi nakuba zikhona izinkinga kodwa uzishaya isifuba ngokuvula amathuba omsebenzi endaweni.

“Kumanje siqashe ngokugcwele onogada abangu-30 bese kuthi abanye abangu-60 kube yitoho. Lokhu kusho ukuthi ikhona imindeni elala idlile ngenxa yalo msebenzi,” usho kanje.

Uthi akufundile ekulo msebenzi wukuthi kuyalindwa nokukwazi ukuguqula indlela umuntu acabanga ngayo abone ukukhanya empilweni.

Phakathi kwezindawo uMzimela nethimba lakhe abasebenzela kuzo iseLovu, Manzimtoti, Mgababa, Adams, Felekisi, nezinye eziningi eziseduze.

Ukuthola usizo uyanxuswa ukuthi uxhumane nale nombolo 031 940 0806/078 023 7703.

Related Articles

Back to top button