Ezemidlalo

Kuhoxe isithenjwa somdlali kwiBafana Bafana 

Umgadli weStellenbosch FC, u-Ashley Cupido, usebizelwe kwiBafana Bafana ngemizuzu yokugcina ngaphambi komdlalo omqoka wangoLwesibili ebusuku.

Kulo mdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo, iBafana Bafana izobhekana neRwanda eMbombela Stadium, eNelspruit – uqala ngo-6 ebusuku.

UCupido, ongumgadli oneminyaka engu-24 ubudala ungena esikhundleni sikaLyle Foster, olimele nosekucaca ukuthi ngeke adlale kulo mdlalo.

UFoster akazange ajime neqembu ngesikhathi lizilungiselela okokugcina ngaphambi komdlalo ngoMsombuluko ntambama.

Ukufakwa kukaCupido eqenjini kuqinisekiswe yikilabhu yakhe iStellenbosch FC ngeSonto – kanti ubelindile uma uFoster engapholi ngesikhathi.

Kuwukubuyela eqenjini lesizwe okokuqala kusukela ngoJuni 2025, lapho eshaye khona igoli lakhe lokuqala emdlalweni wobungani bebhekene neMozambique.

Unemidlalo eyisithupha eqenjini lesizwe futhi ubeyingxenye yeqembu elidlale kwiCosafa Cup ka-2024.

UCupido ujoyina uzakwabo weStellies, uThabo Moloisane, ongene esikhaleni somdlali wasemuva uMbekezeli Mbokazi okhishwe ngekhadi elibomvu bedlala neZimbabwe.

INingizimu Afrika ihlezi endaweni yesibili kuGroup C, kanti ukunqoba kuphela okuzogcina amathemba ayo eNdebe yoMhlaba ephila.

Umqeqeshi uHugo Broos manje ubhekene nenkinga yokuqoka azoqala ngabo emuva njengoba enoMoloisane, Nkosinathi Sibisi, Malibongweni Khoza, noKhulumani Ndamane.

Phambili, uCupido uzobanga indawo yokuqala no-Evidence Makgopa onamava angcono naye obizwe sekwephuzile ethatha indawo ka-Iqraam Rayners.

Lisenethini.com

Related Articles

Back to top button