Izindaba

Kuzingelwa owePolo ongqokloze iphoyisa leCrime Intelligence

Liyah Mseleku

Uzingelwa njengenyamazane owesilisa odubule wabulala iphoyisa ebelingekho emsebenzini.

UConstable Sbonelo Ngidi ubesebenza ngaphansi kweCrime Intelligence kwiSAPS.

Ngokombiko, uNgidi ubeshayela imoto yakhe ngezikhathi zabo-11 ebusuku ngoLwesihlanu, eChestnut Crescent, Mariannhill, ngesikhathi edutshulwa.

Kuvele ukuthi uhlangabezane nomshayeli weVW Polo obevimbe umgwaqo eduze nasegaraji lakwa-Engen.

Ngaleso sikhathi lo mshayeli ubemile echama eceleni nalapho kuvele ukuthi kube nokuhilizisana umsolwa emtshela iphoyisa ukuthi alilinde aze aqede.

Kube sekusuka uthuli lweZichwe lo mshayeli waqonda ngqo kuNgidi wamgqokloza ngenhlavu.

Ube esebaleka wangena kwiPolo wadla phansi washiya uNgidi efa kwiToyota abehamba ngayo.

Umgibeli obehambisana noNgidi uzame ukumphuthumisa esibhedlela ngebhadi ufike esethuli njengoba edubuleke kwesingenhla.

Khonamanjalo, kufe abasolwa abathathu abebegagazisana ngenganono namaphoyisa ngaphandle kwaseMtshezi.

IDPCI Provincial Tracking Team, ngokulekelelwa onogada bebelandela umkhondo wokuqhunyiswa komshini wemali okuhleliwe.

Bese kukhishwe nemvumo yokubopha omunye wabasolwa obulewe ngoba ubefunelwa uxhaxha lwamacala okubulala nokuba nesibhamu esingekho emthethweni.

Amaphoyisa azame ukubamisa behamba ngeChevrolet Cruze kuR74 phakathi koMtshezi neColenso kodwa bafayelwa ngenhlamvu abasolwa bezama ukuphulukundlela.

Kube sekujahwana nokuholele ekutheni imoto yabasolwa igcine ishayisile.

Abasolwa abathathu bafele endaweni yesigameko omunye umsolwa wesine wagcwala amathafa ebaleka ne-AK 47.

Kulesi sigameko akukimalanga phoyisa.

Related Articles

Back to top button