Ezokungcebeleka

Iminjunju kumsakazi ebuzwa yingane ngokuba umahlalela

Amanda Mjaja

Isilomo sowayengumsakazi weKaya FM uSol Phenduka uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ingane yakhe encane isiyazi ukuthi akasatohozi.

UPhenduka obebambisene ekushayeleni iBreakfast show noSizwe Dhlomo, Nosipho Radebe noDineo Ranaka.

“Hayi ingane yami efunda ibanga lokuqala ingibuza ukuthi ngabe ngixoshiwe yini kwiKaya FM ngoba izingane afunda nazo zimtshele ukuthi ngaxoshwa,”

“Useyazi ukuthi angisasebenzi lapha ngaphandle kokuthi mina ngimtshele isizathu ukuthi kanjani noma kungani ngikhishiwe”

“Mxim, ngiyawuthanda umsebenzi wami, kodwa ngiyayizonda le enye ingxenye yawo,”

“Ngilangazelele ukuzwa izingxoxo zabanye abazali nezingane zabo ezifunda ibanga lokuqala kanye nendlela abaxoxa ngayo”

Umlandeli kaSol Phenduka kwiX uthe yingakho kubalulekile ukuthi baxoxe nezingane zabo bengabazali.

“Yingakho kudingeka sikhulume nezingane ngokwengeziwe, futhi singacabangi ukuthi “zincane kakhulu ukuba zingaqonda”.

“Bahlakaniphe kakhulu kunalokho esikwaziyo. Futhi njengoba usanda kufunda, uma ungabaxoxeli indaba ephelele, imigwaqo iyobatshela ethandwa yibona ” kusho uLady Lunicorn”

“Abanye abazali cishe babevame ukulalela uhlelo lwakho besendleleni eya emsebenzini nezingane zabo.

Kwadingeka bakhulume iqiniso ezinganeni zabo, ngokuthi awuseyona ingxenye yalolu hlelo”, kujobelela uVenom King.

Lesi siteshi sizinze eParktown North, eGoli.

UPhenduka uphinde aziwe kakhulu njengomethuli wePodcast and Chill with MacG.

kuzokhumbuleka ukuthi ngo-August 13 iPurpose yabika ngeKaya FM eyakhipha isitatimende lapho ithi uphunyuziwe uSol Phenduka njengoba kunophenyo oluqhubekayo ngaphakathi.

“USol Phenduka uhoxisiwe kulandela imiphumela yophenyo obuqhubekayo ngaphakathi. Isiteshi sizibophezele ukulandela imigudu efanele. Ayikho eminye imininingwane ezophuma okwamanje,”

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button