Izindaba

Itholwe nesidumbu iveni ebintshontshiwe

Itholwe ngase Gugulesizwe eSection 2, emgwaqeni ongena eMasimini imoto eyiveni emhlophe ebikade intshontshwe ngoLwesine ebusuku eWoza Woza mawudlula eJozini Mall.

Le moto itholwe inesidumbu sowesilisa ngemuva, kanti kuvela ukuthi umshayeli ubehamba nomshana wakhe.

Kungazelele muntu kube sekuqhamuka izigilamkhuba ezine besamile zavulela ngenhlavu zadubula umshayeli nophuthunyiswe emtholampilo oseduzane la ethola khona ukulashwa.

Zibe sezilayisha laba abanye ngemuva zashaya zachitha nabo, oyedwa uzamile ukweqa wabaleka, kwathi omunye walimala kanzima.

Umalume kamufi uMnuz Tallman Sibiya utshele abezindaba ukuthi loshonile umshana wakhe uSabelo owaziwa ngegama likaNtonto oneminyaka engu-39 ubudala ahlala naye ekhaya eMsiyane.

EMakhonyeni ubevakashele omunye womalume wakhe okungumnikazi weveni ebelintshontshiwe.

Uthe izolo ebusku ngehora leshumi bathole umbiko othi sekuthathwe imoto kamfowabo uZama bathola nokuthi udutshuliwe uphuthunyiswe emtholampilo.

Babe sebephuthuma khona bamthola esaxilongwa nokuyila abatshele khona ukuthi kule moto bekukhona nomshana wakhe kodwa ongakatholakali ukuthi ukuphi.

Uthi babe sebesuka bayomcinga ebusuku bangamthola, baphinde bavuka ekuseni, nokuyila bezwe khona ukuthi kunemoto etholakele eSection 2 inesidumbu sowesilisa ngemuva.

UMnuz Sibiya uthi ube esephuthuma khona, nangempela mayefika wabona ukuthi yiyo imoto kamfowabo, bathola nomshana wakhe enenxeba lokudutshulwa emlonyeni inhlavu yayophumela ekhanda.

USibiya uthe emotweni bathole konke obekuphakathi ngoba nesibhamu sika mshayeli sikhona asithathwanga, into ethathiwe izincingo kuphela.

Ngokomthombo iMaputaland Community Radio Induna yakuleya ndawo uMnuz Jabulani Mafuleka usigxekile kakhulu lesigameko.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button