
Bamisiwe othisha ‘abazitika’ ngabafundi babakhulelise
Simanzonzo isimo eSt John’s College, eMthatha othisha abayisikhombisa bemiswa emsebenzini ngenxa yezinsolo zokuhlukumeza abafundi ngokocansi.
Lokhu kuza ngemuva kokuba abafundi bebhikishe ngoLwesibili balimaza nempahla becasulwa yizinsolo zokuthi umfundi webanga lesi-9 wadlwengulwa, wakhulelwa.
Akugcinanga lapho lo mfundi wasongelwa ngokufa uma engafuni ukukhipha isisu kanti akuyena yedwa umfundi owasongelwa.
“Phakathi kwezinye izinsolo kubalwa ukuhlukunyezwa ngokocansi, izinsongo zokubulawa, inkohlakalo, nokunye.
Okhulumela ezeMfundo e-Eastern Cape uMalinongwe Mtima uzihlabe wazihlikiza lezenzo zobulwane kothisha.
Uqhubeke wathi othisha baphuza amanzi amponjwana nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa esikoleni akulungile”, kusho uMtima.
UMtima uqinisekise ukuthi bonke othisha abayisikhombisa bamisiwe emsebenzini ukuze kuvikelwe abafundi abayizisulu.
Kuvele ukuthi uphenyo olusemthethweni, oluholwa abaphenyi abathathu besifazane, luzoqala ngesonto elizayo.
Abafundi badedelwe esikoleni kuze kube uMsombuluko, ngaphandle kwabafundi bebanga le-12 abazoqhubeka nezivivinyo zokuhlolwa.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape uFundile Gade uthe izenzo ezikanje ziqeda ithemba kubazali abanalo ngothisha.
Bathembise nokuthi bazohlinzeka noma ingaluphi usizo oludingekayo.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



