
Udlisela ogageni ubhut’ngiqhwebe weSuzuki Swift
Ngeney’ntwen Mkhize
Izandla zidlula ikhanda ngokuthola ithuba elingqayizivele lokuvivinya iSuzuki Swift.
Kuzokhumbuleka ukuthi isizukulwane sesine lesi esisithole indawo yaso ezinhliziweni zabaningi, kanti inesikhathi engaphansi konyaka ifikile eMzansi.
Ukukhumbuza asebelibele lomncanyana ohehayo wakhiwa inkampani yaseJapan okuyizwe elaziwayo nakwezezimoto.
Kukhona izinhlobo ezimbili eshintshwayo nezishintshayo, ngibe nenhlanhla yokuzivivinya iSuzuki Swift 1.2 GLX eshintshwayo (manual).
Le ebengiyiphethe iphuma namasondo angu-15 inch nerimu lakhona, amalambu ane LED akhanyisa bha awenkungu angaphambili amafog lights nawo aneLED.

Abaningi bathathwa ngamalambu, awangemuva okuyiwo axoxa indaba.
Omunye ebengihamba naye ungenze ngaqaphela ukuthi yile yamanje ehlukanisa inhloko nesixhanti kunezangaphambilini.
Njengoba abaningi beyibiza ngomncanyana kodwa ngaphakathi indlalekile, abantu abane bahlala ngokukhululeka.
Kwezokuphepha igabe nange three-point seat okudingeka ukuthi nohleli ngemuva afase amabhande ngoba liyamxwayisa nomshayeli uma lingafakiwe.
Ezihlalweni zangemuva ifakwe i-ISOfix kuphinde kube ne-child locks ukuvikela izingane engozini.

Ezihlahlweni ayijampisi ngendwangu ngoba iwumbala omnyama kodwa istringi sigqize ngesikhumba esimnyama.
Okunye isikhala sebhuthi esingu-265 litres nokho angisitholanga isikhathi sokufaka impahla kodwa amakesi kabhiya amathathu nokunye kungangena.
Okunye ebadida ngayo iSwift wukuthi izinongo ezitholakala ezimotweni ezinkulu nezimba eqolo zikhona kuyo.
Ngikuqaphelile ukuthi iGLX inezibuko ezikwaziyo ukugoqeka uma uyicisha, iclimate control, itouch screen engu-9 inch kuthi kwengaphansi ibe ngu 7 inch.
Uyakwazi ukuxhuma iselula ngokusebenzisa i-Apple CarPlay ne-Android Auto.
Kuphinde kube nendawo yokuhlohla i-USB enesocket engu-12 valve. ISwift iyakwazi ukumelana nazozonke izidingo zempilo kusuka ekuhambeni ngayo edolobheni noma uzoyifaka emgwaqeni ovulekile nasobhuqwini.
Ikhiqiza amandla afinyelela ku 60kW ngo 5 700 rpm, itorque engu 112Nm, nenjini engu-3 cylinder edonsa ngo gearbox ongu-5 speed.
Ngiyibone idla amalitha angu-5.7/100 km akukubi uma uqhathanisa nezinye izimoto ezisesigabeni esifanayo.
Kwezokuphepha ngeke sikulibale ukuthi iSwift iphuma nama airbag angaphambili ohlangothini lomshayeli nephasenja, eyaphezulu ebizwa ngecurtai airbag nasezinhlangothini.
Izingane ziphephile ngoba ine ISOFIX ezihlalweni zangemuva.
Ngaphezu kwalokhu kune-ABS, EBD, Brake Assist, Electronic stability Program, ikhamera yangemuva ekusiza ukupopola ingozi lapho uhlehla.
Intengo
Suzuki Swift 1.2 GL manual: R219,900
Suzuki Swift 1.2 GL+ manual: R239,900
Suzuki Swift 1.2 GL+ CVT: R259,900
Suzuki Swift 1.2 GLX manual: R264,900
Suzuki Swift 1.2 GLX CVT: R284,900
Intengo ihambisana ne service plan yeminyaka emibili okanye ibanga lika-30. 000 km
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



