
“Go to hell nawe”-Bantu Holomisa
Uzifake ehlazweni wehlelwa nayisithunzi usekela Ngqongqoshe woMnyango wezokuVikela kuleli noMengameli we-United Democratic Movement (UDM) uGeneral Bantu Holomisa.
UHolomisa ucasule abalaleli besiteshi iGagasi FM ngesikhathi ebaphendula ngokubathuka uma bebuza noma bedlulisa imibono.
Kulolu hlelo lwezindaba Indaba With Alex olwethulwa u-Alex Mthiyane, uHolomisa ubemenywe ukuzokhuluma ngomsebenzi wakhe wasePhalamende futhi njengomholi we-UDM.
Nokho kuthe uma exinwa ngemibuzo abalaleli lwaqala ulimi ukuba nenhlabathi ethi kubo “go to gell” okungatolikwa ngokuthi “hamba uye esihogweni” noma “hamba uyoshona“.
Umlaleli oqavile walolu hlelo, uBafana Dlamini uthe uzama ukufaka emzileni lo mholi kwanhlanga zimuka nomoya.
UDlamini ubethi abaholi ababavotele akumele baphendule abantu kanje, UHolomisa wathi kuye makathule ngoba akamvotelanga.
Uthe ukhuluma i-“nonsense” futhi waqhubeka nokuthi “go to gell“.
Uzamile ukungenelela uMthiyane ukuze kwehle isimo kodwa zakhala kuyena.
UMthiyane uchazele uHolomisa ukuthi nakuba umlaleli engamvotelanga kodwa uma esengenile ePhalamende kunendlela okulindeleke ukuba akhulume ngayo.
UHolomisa uphendule ngokuthi: “G to hell nawe“. Kuphoqe ukuthi avalwe ohlelweni njengoba bese kucaca ukuthi akalawuleki.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



