
Ugwazwe yisoka isisu obekhulelwe enezinyanga ezine
Utholwe enamanxeba okugwazwa owesifazane obekhulelwe oneminyaka engu-23 ubudala.
Kuthiwa lo wesifazane ubemanxebanxeba egwazwe nasesiswini.
Kube sekuboshwa owesilisa oneminyaka engu-31, mayelana necala lokubulala intombi yakhe.
Lezi zithandani bezihlala ndawonye eLeewfontein eMarble.
Amaphoyisa afike umufi entanta edamini legazi.
Umsolwa uboshwe elele kanti ube esecula emaphoyiseni ewatshela ukuthi lowesifazane ukhulelwe ingane okungesiyo eyakhe.
Olunye uphenyo luveze ukuthi umufi ubenezinyanga ezine ekhulelwe ngesikhathi sesigameko.
Ngokwe SA News Arlet ngoMeyi kulo umsolwa wake waboshelwa icala lokushaya umufi.
Ube esevela izikhathi eziningi eNkantolo yeMantshi yaseGroblersdal.
Nokho isisulu safaka isicelo sokuhoxa sasula amacala sithi siyamthanda nokwaholela ekutheni agcine ededelwe ngoJulayi.
Khonamanjalo, isimo simanzonzo esesigodini sakwaGubhuza, eMzumbe, kulandela ukubulawa kwagogo uNkk Rose Mncibi nomalume uMnuz Sbonelo Mncibi.
Lezi zisulu zitholwe zigqitshiwe ziboshwe izandla ngoLwesihlanu owedlule.
Kulesi sehlakalo kusolwa izelamami zakulo muzi, unina wazo ongeke avezwe, ubhoboke wathi bese ethuthile washiya umuzi wakhe ngenxa yokwesabela impilo yakhe.
Owesifazane ubekhuluma no-Ayanda Msweli oye lapho ebhace khona ngemuva kokuboshwa kwamadodana akhe.
Uthi lesi sigameko simqhathe nomndeni wakhe ngendlela angakwazi ukuyichaza ngoba akazi ukuthi uzobabhekelwa wubani.
“Yizingane zami lezi, lona omdala uneminyaka engu-24, omncane angazi noma ingu-20. Izingane lezi zibulale izihlobo zazo njengoba mina ngiyindodakazi yakwaMncibi.
Nami bese ngishiyile emzini wami nezinye izingane zakwabo ngoba sibona singaphephile.
Angazi ukuthi konakalephi ngenxa yokuthi ekuqaleni besihleli kahle. Bebeze bangiphekele bekhuthele nasekhaya.
Kwathi sebeqala ukushintsha udadewabo wangitshela ukuthi yena uyahamba ekhaya ngoba ebona ukuthi bayingozi,” kusho owesifazane.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



