
Uthole ukuphefumula u-Ouaddou kunqoba iPirates okokuqala
IPirates inqobe okokuqala emidlalweni yeBetway Premiership ishaya iStellenbosch FC ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Kube yigoli likaKamogelo Sebelebele alishaye ngesiwombe sokuqala eliweze iPirates, yageza igama, yabuyisa nesithunzi sayo.
U-Abdeslam Ouaddou uthi ubonga abalandeli ngamaphuzu amathathu okuqala awanqobe njengomqeqeshi we-Orlando Pirates.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ouaddou uthe uyazi abalandeli bese belinde isikhathi eside ukubona iqembu labo linqoba kwiligi.
“Impela ngijabule. Sibonga abalandeli ngalamaphuzu amathathu. Bese belinde amasonto amabili noma amathathu ngakho imicabango yami beyinabo.
“Ngifuna nokubongela abafana bami ngoba bakhombise ukuzinikela okuhle,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
Yize ejabule ngomphumela, uveze ukuthi kusekhona okumele bakulungise kwindlela yabo yokudlala.
“Bekuwumdlalo omuhle esiwombeni sokuqala, sakha amathuba amaningi futhi besingawubulala lo mdlalo,” kuqhuba yena.
“Esiwombeni sesibili usilahlekele emizuzwini engu-25 yokuqala futhi ngicabanga ukuthi kumele sikuphucule lokho uma sifuna ukuba ngcono.
“Akumele siyekele umdlalo usilahlekele kalula kanjeya ekubeni kade siwuphethe kusukela ekuqaleni.”
Ngalo mphumela, iPirates inyukele endaweni ka-11 kwilogi kanti isizoya emdlalweni olandelayo isinokuzethemba.
Izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.
Lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo, kanti owomlenze wokuqala uphele zibambene ngo 1-1.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



