
Iphucwe umbhobho intandokazi yomsakazi
Liyah Mseleku
Uphucwe umbhobho umsakazi oyintandokazi kwiKaya FM uSol Phenduka.
Kusukela ngoLwesine ngeke asazwakala emoyeni kuze kube izinkinga zangaphakathi abhekene nazo ziyasombululwa.
Lesi siteshi sizinze eParktown North, eGoli.
UPhenduka uphinde aziwe kakhulu njengomethuli wePodcast and Chill with MacG.
IKaya FM ikhiphe isitatimende lapho ithi uphunyuziwe uSol Phenduka njengoba kunophenyo oluqhubekayo ngaphakathi.
“USol Phenduka uhoxisiwe kulandela imiphumela yophenyo obuqhubekayo ngaphakathi. Isiteshi sizibophezele ukulandela imigudu efanele. Ayikho eminye imininingwane ezophuma okwamanje”
“Nizokwaziswa uma sekuqedwe uphenyo lwangaphakathi. Sikuthulela isigqoko ukuthi niyasiqonda isimo basebenzi, abalaleli nalabo abayingxenye kuleli bhizinisi” kusho isitatimende.
Umiswa nje uPhenduka ubebambisene ekushayeleni iBreakfast show noSizwe Dhlomo, Nosipho Radebe noDineo Ranaka.
Okwamanje akwaziwa ukuthi ngabe yini le eqhathe uPhenduka nesiteshi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



