Ezemidlalo

Kwenzeke okungalindelekile ngamathikithi eMTN8

Adayise aphela kusasele izinsuku ezinhlanu amathikithi omdlalo obhekwe ngabomvu ozoba seLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.

Lo mdlalo uzokhipha inkunzi eyodlala owamanqamu kwiMTN8 phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

Amathikithi alo mdlalo aqale ukudayisa ngoLwesihlanu olwedlule kanti ngoMsombuluko ntambama iPremier Soccer League ibe seyiveza ukuthi asedayise wonke.

Amaqembu azoya kulo mdlalo womlenze wesibili weyandulela owamanqamu ezethemba womabili ngemuva kokudlala ngokulingana kowomlenze wokuqala.

Owomlenze wokuqala – obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo odlule – uphele zibambene ngo 1-1 futhi kucaca ukuthi azisabani neze.

Manje lo waseLucas Moripe Stadium kumele nakanjani ukhiphe elilodwa elizodlulela kowamanqamu.

Uma uphela zibambene ngo 0-0, kuyobe sekudlula iSundowns ngomgomo wegoli lasekuhambeni elishaye e-Orlando ngempelasonto edlule.

Uma uphela zibambene ngo 1-1 futhi, kuzobe sekuyiwa phansi kwepali indaba iyoqedelwa khona ngokukhahlela amaphenathi.

Uma uphela zibambene ngo 2-2 kuya phezulu, kuyobe sekudlula iPirates ngawo umgomo wamagoli asekuhambeni.

Iqembu elizowunqoba lo mdlalo waseLucas Moripe, liyobe selidlulela phambili ukuyobhekana neStellenbosch noma neSekhukhune United kowamanqamu.

Ngaphambi kokudlala lo mdlalo onzima nosuvele unesasasa elikhulu, lamaqembu anemidlalo yeligi ezoba ngoLwesithathu ebusuku.

ISundowns izovakashela iMagesi FC eSeshego Stadium ePolokwane, kanti iPirates yona izobe isekhaya ibhekene neStellenbosch e-Orlando Stadium.

Lisenethini.co.za

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button