Ezemidlalo

Isililo kushona owayengaconsi phansi kwiBucs neZim

Kugcine kumenele owayengumdlali ongaconsi phansi kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule futhi ongowokuzalwa eZimbabwe.

Izindaba zokushona kukaTenadi Ndoro zivele ngoMsombuluko ebusuku, kanti kuthiwa ushonele endlini abehlala kuyo eSandton, eGoli.

Kukuthiwa utholakale esethule ngoMsombuluko ntambama kanti imininingwane eminingi ngalesi simo beyingakacaci.

Nokho imiyalezo yokukhalisana nomndeni nabangani bakhe seyiqalile ukungena ilakanyana, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.

UNdoro udlale isikhathi eside eNingizimu Afrika edlalela amaqembu ahlukahlukene okubalwa iCape Town City, i-Ajax Cape Town, iHighlands Park ne-Orlando Pirates neqembu lesizwe iZimbabwe.

UNdoro ugqame kwiPirates phakathi kuka-2015 no-2017, futhi ubengaconsi phansi kubalandeli ngaleso sikhathi.

Wasuka kwiPirates wayodlala kwi-Al-Fasaly eSaudi Arabia, nokho akahlalanga isikhathi eside khona ngaphambi kokubuyela kuleli.

Ube esedlala kwi-Ajax Cape Town, kanti ugcine ukudlala kwiHighlands Park ngo-2020 ngaphambi kokuthi awagaxe emgibeni amakhokho.

Ushone ngemuva kokuxinwa wukugula obekungakadalulwa ukuthi bekuyisifo sini eseneminyaka engu-40 ubudala.

Kuyaziwa ukuthi uNdoro kade ehlaselwe yizifo okubalwa isifo sikashukela esamphowa ukubeka amakhokho emgibeni ngo-2020 engasakwazi ukubona kahle.

Muva nje Kade eyohlinzwa enethumba ngaphansi kwekhwapha.

Iqembu i-Orlando Pirates idlulise amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana.

“Iqembu lishaqekile ukuzwa ngokudlula kwaTendai Ndoro (2015–2017). Iqembu lidlulisa amazwi enduduzo emindenini, abangani, nakubo bonke abathandiwe kulesi sikhathi esinzima”

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button