
Imvunge ngesandla semfene kuxoshwa uJacinta emsakazweni
Sihle Mkhize
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usukhethe ukuziqhelalanisa nokuxoshwa komsakazi weVuma FM uJacinta Zuma.
Lokhu kuza emuva kokuthi abantu betinyele lo Mnyango besola uNgqogqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane ngokuxoshisa uJacinta.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe usezwakalise kaningi ukungahambisani nokuvalelwa ngaphandle kwabantu bokufika ezikhungweni zempilo.
Lokhu bekuqhutshwa iMarch in March okuyinhlangano eholwa uJacinta nelwisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho.
Esitatinendeni esibhalwe uJacinta ebonga ithuba kwiVuma FM enqamule inkontileka yakhe ukuvezile ukuthi kukhona isandla senfene nakuba engabizanga gama lamuntu.
Sikhuluma nje le uJacinta usematheni nomkhankaso wakhe osusabalele izwe lonke iMarch in March ogqugquzela ukuxoshwa kwabokufika abakuleli ngokungemthetho.
“Manje sekumele simasheke uNomagugu Simelane, ngalesenzo sakhe. Kulindweni vele” kubuza uSbo kaNtutsha Zitha ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mnyango uthi ukhathazekile ngezinkulumo ezisanda kushiwo ezinkundleni zokuxhumana ezithi uyathinteka ekuxoshweni komsakazi weVuma FM.
“Noma iziphi iziphakamiso zokubandakanyeka kwethu ekunqanyulweni kwenkontileka yomsakazi zingamanga futhi azifaneleki”
“Siyakuhlonipha ukuzimela kwazo zonke izinhlangano ezizimele, kuhlanganisa neVuma FM, ekwenzeni izinqumo zangaphakathi zabasebenzi.”
Lo mnyango uthi ugxile emsebenzini wawo wokuvikela impilo yomphakathi.
Khonamanjalo, iningi labantu selisabise ngokuduba ukulalela iVuma FM njengoba ithi ichemile.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



