Ezokungcebeleka

‘Esikhwameni sikaGigaba kwakuhlezi kunebaby oil’

Kuvele amahlazo asamshadweni owabhidlikayo phakathi kwaMelusi Gigaba noNorma Mngoma.

Amahlazo wabo anekwe ohlelweni iShowmax okuwuhlelo oludedela amabhomu osaziwayo ababeshadile kodwa behlukana nabayeni babo.

UGigaba uyilunga lePhalamende Kanti useke waba uNgqongqoshe weZimali eNingizimu Africa.

Uthi ngendlela indoda yakhe eyayiqonywa ngayo kwakusabisa.

Uthi kukhona lapho wambhadama khona enomunye wesifazane.

Uthi esikhwameni sakhe kwakuhlezi kune baby oil noma eyaphi kwazise ukuthi umsebenzi wakhe ubumhambisa emazweni ahlukene.

Uthi unobufakazi balokho kanti kokunye ubebuye ambhadame oqotsheni.

Kungakho manje esefuna u-6 million umshado wakhe uwufanisa nokuthi ubuyize leze kungekho ukuhlala kahle, nenjabulo.

Lolu hlelo lwase luqalile kepha uGigaba wazama ukulimisa kodwa ibuye yavuma ukuthi luqhubeke.

Eqhuba uthi ukuthola leli thuba kuyindlela yokwethula umthwalo, ngoba usekhululekile manje eseveze lolu daba.

Uthi usozokwazi ukubhekana nezinselelo nokunakekela abantwana bakhe.

Uqhube ngokuthi uzizwa elaphekile nasenhliziyweni ngenxa yohlelo iShowmax , usho kanje.

Uhlelo belophethwe uRelegogile Mabotja.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button