
UNkotha uyogadulisana noRonaldo kwiligi yaphesheya
I-Orlando Pirates isikuqinisekisile ukudayiswa kukaMohau Nkota kwi-Ettifaq FC yaseSaudi Arabia.
Lesi sinyathelo singaphansi kwemibandela yokuthi aphase ukuhlolwa ngodokotela nokuvumelana ngemihlomulo ne-Ettifaq.
UMohau Nkota ushiya i-Orlando Pirates ngemuva kwesizini enhle yokuqala eqenjini elikhulu.
Udlale imidlalo engu-39 futhi wabandakanyeka emagolini angu-12 kuyo yonke imiqhudelwano.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ukhushulelwe eqenjini elikhulu esuka kweleDStv Diski Challenge ekuqaleni kwesizini ka-2024/25.
Udlale umdlalo wakhe wokuqala wokuqala ngo-Okthoba 19, 2024, ethatha indawo kaMonnapule Saleng kwiCarling Black Label Cup.
Ukusuka lapho akazange esabheke emuva. Ngaphansi kukaJose Riveiro, uNkota ube ngomunye wezethenjwa nezintandokazi zabalandeli.
Omunye wemidlalo avelele kuwo ngoweCaf Champions League, ngesikhathi eshaya amagoli amabili bebhekene neCR Belouizdad ekuhambeni.
Elinye lalawo magoli livotelwe njengelinye lamagoli ahamba phambili kulo mqhudelwano.
Uphinde wahlohla amagoli amabili behekene naMaZulu FC emdlalweni weligi yakuleli.
Ukuhamba kukaNkota kubazumile abalandeli. Kodwa futhi kuphawula isinyathelo esilandelayo emsebenzini wakhe okhulayo.
I-Orlando Pirates ibonge uMohau Nkota ngomsebenzi wakhe ayenzele wona kulesi sikhathi esincane ekuyo.
“Wonke umuntu kwi-Orlando Pirates ufisela uMohau Nkota okuhle njengoba eqala lesi sahluko esisha esijabulisayo emsebenzini wakhe.
“Angathi angaqhubeke nokundiza futhi aphathe umoya wamaBhakhaniya ngokuziqhenya – ngoba uzokhumbula: Once Always!”
UNkota uyisihlabani sakamuva saseNingizimu Afrika esibheke kwiSaudi Pro League. Manje usezobheka ukwenza kahle esiteji esikhulu kakhulu.
Phela le ligi ayodlala kuyo kudlala noCristiano Ronaldo odume futhi othandwa umhlaba wonke.
Yize ezokhumbuleka kwiPirates, kodwa akubonakali sizoba sikhulu isikhala sakhe njengoba leli qembu libasayinile abadlali abahle ezimpikweni.
Lisayine u-Oswin Appolis obekwiPolokwane City noTshepang Moremi obekuMaZulu FC abangasivala khaxa isikhala sikaNkota.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



