Ezokungcebeleka

Utholwe eseshonile umculi weJazz obeyonandisa phesheya

Utholwe esethuli eshonile umakadebona emculweni weJazz uFezile “Feya” Faku eBasel, Switzerland ngoMsombuluko.

UFeya obeneminyaka engu-63 ubudala ushona nje ubekuchungechunge lwemijikelezo kuleliya lizwe.

Kuqapheleke ukuthi akabanga khona ngesikhathi abaculi bezololonga amaphimbo nokulapho abebehamba naye bephuthume ukuyombheka endlini yakhe.

Bazithele phezu kwesidumbu kwazise ubesengasaphefumuli.

Okhulumela umndeni uVukile Pokwana exoxa neDaily Sun uthe ufe olwembiza umndeni.

“Umculo kaFeya uthinte izinhliziyo zabaningi futhi akubuzwa ukuthi ubeke umaka emculweni weJazz eNingizimu Africa. Itrumpet ebinkeneneza kamnandi ithule”

“Umculo wakhe ubufana nebhuloho elixhumanisa imimoya. Ubulimi oluqondwa kancono kuwo wonke umhlaba”

“Umculo wakhe uzithintile izinhliziyo zalabo ababe nenhlanhla yokumlalela”

“Yebo yena itrumpet kaFeya ingathula kodwa umculo wakhe uyohlezi ukeneneza ezindlebeni usikhumbuza”

“Imisebenzi yakhe sengathi ingagqugquzela isizukulwane esizayo. Ulale ngokuthula Feya umculo wakho uyohlezi ukeneneza kamnandi ezinhliziyweni zethu” kuphetha uPokwana.

Lo mfuthi weFigelhorn ne-trumpet ushona nje ubesanda kugubha ngedili lomculo ukuqeda iminyaka ewu-63 edla enhlamvana.

Le nkakha idabuka eNew Brighton, eGqeberha futhi isebenze nezihlabani eziningi kulo mculo ezinjengoWinston Mankunku Ngozi, Abdullah Ebrahim nezinye zamazwe ngamazwe.

Ngo-2021 uFeya uke wagoba amadlangala eSwitzerland lapho abesethole itoho kwenye indawo yobumnandi. Ubeneziqu zomculo azizuza e-University of KwaZulu-Natal.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button