
Siconsisa amathe isiteki seDundee July ka-2025
Sihle Mkhize
Intaka ibekelwe amazolo ngomtelebhelo wamahhashi kwiDundee July, ehlelwe kuMasipala iNdumeni ngomhla ka-19.
Lo mcimbi odonsa amehlo ngisho nangaphandle kwaseNingizimu Africa Uthulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili.
Kulokhu isiteki sinyukile njengoba siwu R3.1million kanti kungenzeka sikhuphuke njengoba kunosomabhizinisi okusaxoxiswana nabo.
Ngonyaka odlule owadla umhlanganiso wagoduka noR350 000 kuphela.

UNgqongqoshe weZemidlalo KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula ukhombise injabulo ngalo mcimbi okhula minyaka yonke njengoba sewuqeda iminyaka engamashumi amabili wasungulwa.
“NjengoMnyango sizoqhubeka siwuxhase, lomcimbi. Nawo uzohlomula kulo 10 million esiwubekele izinto ezifana nalezi,” kuphawula uNgqongqoshe kwabezindaba.
IMeya yesifunda uMzinyathi uThembi Mchunu inxuse osomabhizinisi bendawo basondele ukuze bathole ulwazi bangafiki ngosuku lo mjaho sebefuna ukufaka amatende.
Ugcizelele nokuthi beyisifunda bafuna kuthuthuke umnotho ngalo mcimbi.
“Sifuna kuzuze kakhulu abantu besifunda, ngisho namahhashi, sinesifiso sokuthi kuwine awasendaweni, nomnotho usale khona lapha eMzinyathi,” kuphawula iMeya.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule kwagcina kunqobe uMbayimbayi, eshaya intambo kwiDundee July Horse Race.
UMelusi Gamede waseMondlo owayegibele ihhashi uMbayimbayi washayelwa ihlombe ekhala emuka nesamba sikaR350 000. Isibili sathatha u-Ebenezer kwaba u-Eliya kweyesithathu.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169


