
Amaphoyisa abulale usomatekisi odumile nabanye abahlanu
Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi odumile e-Eastern Cape nabanye abahlanu ngesikhathi itholene phezulu namaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU).
Lesi sigameko esishiye abaningi bebambe ongezansi senzeke ngoMsombuluko kusihlwa kuR61 phakathi koMthatha neNgcobo.
Ngokombiko wabezindaba umgwaqo uvaliwe eduze kweRoss Mission njengoba bese kuphithizela.
Kutholakale izibhamu ezincane ezine kulesi sigameko ngenhlanhla amaphoyisa aphume engenamyocu.
Abasolwa ababulewe kuthiwa babandakanyeka ekuthatheni imali ngo “dli” kwabanye abantu.
UKhomishana wamaphoyisa e-OR Tambo District uMajor-General Norman Modishana walile ukudalula igama lasomatekisi obedumile.
Uthi amalunga wabo abesemsebenzini abelandela abasolwa ababandakanyeka ezenzweni zokubulala nokuqola abantu imali
“Ngesikhathi belandela umkhondo bazithele kule moto iqenqeleza kuR61. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuyimisa lezi zinsizwa ziphendule ngenhlamvu”
Uthi bahlonze umsolwa oyedwa othintekayo ezenzweni zokubulala ematekisini nokuqola.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Nobuntu Gantana uthe bebengakahlonzwa ukuthi ngobani abashonile.
“Kunohlelo oluqondile oluzosiza ukubona nokwazi amagama wabo. Njengoba kutholakale nezibhamu nje zisazoya kohlolwa”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



