Izindaba

Bekuminyene utshumo kufeswa emaphoyiseni kaMasipala weTheku

Philasande Luthuli

Bekuminyene utshumo ngoMsombuluko intsha yaseThekwini namaphethelo ihambisa izicelo zezikhala zomsebenzi emaphoyiseni.

Bekuvalwa emini kanti izicelo bezihanjiswa ku-25 Anderson Road, Lahee Park, ePinetown.

“Into engithanda ngoMetro ukuthi uzobabiza bonke labantu abafake izicelo bese kushiyana ukwenza enkundleni yezemidlalo sekugijinywa” kuphawula uMandisa Mandy ekhasini lamaphoyisa eTheku.

Isono ngezingane zabantu yoh. Ubhuti wami usefake isicelo okwesithathu manje. Soke sibone ukuthi kulokhu kuzongenwa ngeqiniso nje kube kanye” kuphawula uNonazulu.

Khonamanjalo, amaphoyisa kaMasipala weTheku asihlabe umkhosi acela usizo lokunikelelwa ngezinja.

Lezi zinja zizoqeqeshwa ukuthi zibe sembuthweni wamaphoyisa.

Kufuneka kahle hle izinja zohlobo lweGerman Shepherd neMallinois kusukela ezinyangeni eziyi-18 kuya eminyakeni emibili.

Nakuba amaphoyisa eshaya indeshengi koMsamariya abanesihawu kodwa izinja zabo kumele zibe sezingeni elithile ukuze zisetshensiswe.

Uma zihluleka ukuba kuleli zinga elilindelekile zizobuyiselwa kumnikazi.

Kulabo abazethembayo izinja zabo banxuswa ukuthi baxhumane noLt. Col. Raoof ku-083 261 4315 noma u-Inspector Hammond ku- 071 515 5990.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button