Ezemidlalo

Imibuzo ngomqeqeshi obengabhekiwe oqashwe iPirates

I-Orlando Pirates ishiye abaningi bekhexile ngesikhathi yethula umqeqeshi wayo omusha ngoMsombuluko ekuseni.

Bekukade kuqine izinsolo zokuthi izoqasha uRulani Mokwena, futhi sekuvele nokuthi useze wakhuluma nozoba yiphini lakhe.

NgoMsombuluko leli qembu laseSoweto liqhamuke negama lomqeqeshi obengabhekwe muntu, futhi obengakaze amataniswe nayo.

Imemezele u-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi wayo omusha ozothatha lesi sikhundla esisale singenamuntu kulandela ukuhamba kukaJose Riveiro.

Ngesikhathi i-Orlando Pirates imemezela uJose Riveiro njengomqeqeshi wayo omusha kumasizini edlule, kwaba nolukhulu ungabazane ngoba wayengenalo irekhodi elihle.

Kwaze kwavela igama elithi “Plumber”, kodwa uthe eseshiya saba sikhulu isililo ngoba ubeseyibuyisile injabulo kweZimnyama ngokunqoba izinkomishi.

IPirates yethula u-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi wayo omusha nje, kodwa sekukuningi ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana.

U-Ouaddou ubekade ekwiMarumo Gallants ngesizini edlule futhi wenze umsebenzi oncomekayo esikhathi esincane abe kuyo.

Uyihlenge ezembeni, wabe eseyinyusa waze wayifake kwiTop 8 okokuqala emlandweni wayo.

“I-Orlando Pirates inenjabulo ukwethula ukuqashwa kuka-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi oyinhloko,” libhale kanje leli qembu limethula.

Uzolekelelwa nguMandla Ncikazi noTyron Damons kulo msebenzi wakhe.

Lisenethini.com

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button