
Ugqugquzelwe ubuhle nokudala amatoho oweVirginia Beauty Parlour
Liyah Mseleku
Iphethe istayela, inhlanzeko nokunakekelwa okuseqophelweni eliphezulu indawo yokuzicwala iVirginia Beauty Parlour.
Umphathi wale ndawo uNksz Wendy Dlamini uthi ugqugquzelwe ukuthanda ukuhlale ebukeka emuhle nokudala amathuba emisebenzini.
Okodonsa amehlo ngayo wukuthi isenkabeni yedolobha iTheku emgwaqeni u-Anton Lembede Street obuwaziwa ngoSmith Street.
UWendy udabuka Xobho, nokho abazali bakhe bagcina bethuthela eMlaza kodwa yena usezinze endaweni yomtakabani eMhlanga Ridge.
Echaza ngokumenzela ugazi ngale ndawo wukuthi ivulwa ubusuku nemini izinsuku eziyisikhombisa esontweni.
“Sivula ubusuku nemini okwenza sihluke. Noma ngabe unendlela ebusuku kodwa uyeza kithina usizakele”
“Asikhethi bala lamuntu futhi asicwasi, ngikhuluma ngoba nabesilisa bayafika ukuzosizakala sibenza izinzipho zicwebezele nokunye”
“Ngale kwalokho uma ungena phakathi sikuxhuma kwiWiFi mahhala, aircon nobhazabhaza bamathelevishini ababili abadlala izithombe ezahlukene”

Aze afike lapha ekhona uthi akubanga lula njengoba wayehambe ezingqula ezindongeni kodwa ekugcineni leli bhizinisi ubone kuyilo elingamphilisa nabasenzi bakhe.
Nakuba lisakhasa kwazise livulwe ngokusemthethweni ngomhla ka-9 June kulo nyaka kodwa selikwaze ukuqasha abasebenzi.
Abasebenza ebusuku bangu-20 kuthi emini bangu-22 kuphephile kuqashwe onogada abaqaphayo.
“Nginayo intshisekelo yokuqhubeka ngivule amanye amabeauty parlour khona la eThekwini nakwezinye izindawo”
“Akubanga lula ukuvula le yokuqala ngoba ngihlukane nemali engu-R1,3 million kodwa nginethemba lokuthi sizondlondlobala”
Amanani abaqala kuwo u-R50 kuze kuphele inyanga kuye ngomuntu ukuthi ufisani kodwa asikho istayela ongeke wasithola kubo kusukela ekugundeni ikhanda, izinzipho braids njll.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



