Izindaba

Weqe esitokisini osolwa kwelokudlwengula eBizimali High 

Ukhale ngesifo sokuwa emaphoyiseni ngesikhathi ezama ukumsiza weqa esitokisini osolwa ngokudlwengula eBizimali High School, eNkandla.

Umsolwa (28) ubeboshwe esiteshini samaphoyisa esiseMarianhill eThekwini ngoMsombuluko emuva kokuthungathwa wosomatekisi baseNkandla.

Bagcine bemthola eTshelimnyama, ePinetown, base bebiza amaphoyisa ukuba azolekelela abanjwe.

Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukweqa kwakhe.

“Umsolwa ukhale ngesifo i-Asthma wabe esequleka. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumsiza, uphulukundlele weqa wabaleka wangena endaweni emnyama wangabe esatholakala,”

“Amaphoyisa aphume izinkalo ayamfuna. Sekuhlanganiswe ithimba ukuthi limthungathe,” kusho uNetshiunda.

Uthe amacala okudlwengula abikwe eKhombe.

NgoMsombuluko abafundi bakulesi sikole babhikishe befuna kuboshwe lo msolwa.

“Lesi sigameko esithusayo asamulekile ezikoleni nasemphakathini. Sinxusa noma ubani ongaba nolwazi lomsolwa ukuthi ungakuphi athinte amaphoyisa ngokushesha,”

“Ukuthula kugqugquzela kuvikela abenzi bobubi kanti kumele silwisane nempi,” kusho uNtuli.

UKhanyo Zwide ezinkundleni zokuxhumana uthe umsolwa uyavikelwa:

“Akusikhona ukuthi uyasatshwa yingoba udlwengula ezokufika hhayi ezendawo. Ngalokho umphakathi uyamvikela umuntu wabo okuyinto yakhonake vele eNkandla angimangali,”

“Thina nje esinosisi abaqashile nabafunda khona siyazi, umphakathi waseNkandla uyamvikela umuntu wendawo,”

“Ewu cha ngaze ngabuhlungu ngale ndaba. Abalekelelwe abantwana bavule amacala nokululekwa ngokomqondo bayakudinga,” kusho Nomondli Mtshali.

“Uxhaphaza lezi aziyo ukuthi ezokufika  nomphakathi awulisukumeli lolu daba kusaxhaphazeka ezomqasho. Siyacela mphakathi nenze iqiniso umsolwa engaxhaphazi osisis bethu akukude eNkandla siwuZulu,”

Ubhuleni kusekuhle lo mlilo ngoba kwafika thina mhhh,” kusonga uLindani Mukelwa.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button