
Udliwe yinhlamvu umfundi wesikole kudutshulwana erenki
Udliwe yinhlamvu ebizindizela umfundi waseDr Malan High School, eGoli, ngesikhathi kudubulana abezinkampani zonogada erenki yamatekisi.
Kulimale nonogada oyedwa kanzima kanzima.
Lesi sigameko esilethe ingebhe senzeke eduze kwase-Meyerton Taxi Rank ngesikhathi izingane zesikole zilibangise esikoleni.
Kuphoqelekile ukuthi izingane zesikoleni samabanga aphansi esiseduze zikhishwe kungakashayi isikhathi.
Kutholakale amagobolondo ezinhlamvu zesibhamu sohlobo lwe-AK-47 ngaphandle kwesitolo esikhulu sakwaSpar esiseduze.
Umfundi ube esephuthunyiswa esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.
I-Gauteng Vaal Traffic and Emergency Services ikuqinisekisile ukuthi abasolwa abathathu bavulele ngenhlamvu erenki ematasa besebenzisa isibhamu sohlobo lwe-AK-47.
Abazibonele bathi bezwe kuqhuma isibhamu kaningi ngesikhathi abagibeli nabafundi behayiza bebalekela ukucasha.
Ngokombiko wabezindaba kutholwe amagobolondo ezinhlamvu eduze kwesitolo esikhulu sakwaSpar eduze nerenki yamatekisi.
Kukhishwe izingane esikoleni samabanga aphansi esiseduze esiku-Shippard Street. Abazali bacelwa ukuthi balande izingane zabo.
IMeya yase-Midvaal uPeter Teixeira uthe bayasazi lesi sigameko wathi amaphoyisa aseNingizimu Afrika alawule isimo.
“Amaphoyisa aseNingizimu Afrika asendaweni yesigameko futhi alawule isimo.
“Sicela uqaphele ukuthi izingxenye zase-Meyer Street (ngakwi-KFC circle) kanye no-Mitchell Street zivalwe okwesikhashana ukuze kuqinisekiswe uphenyo oluqhubekayo.
“Sinxusa zonke izakhamuzi nabagibeli ukuthi behlise umoya futhi basebenzisane neziphathimandla zomthetho,” usho kanje.
Bobathathu abasolwa bagcine beboshiwe.



