Izindaba

Bangcwatshwa ngeSonto (10) abashone kwenyantisa igazi eMtuba

Bazongcwatshwa ngeSonto abantu abashone engozini enyantisa eMtubatuba, KwaZulu-Natal.

Bazongcwatshwe nje sekunokukhathazeka njengoba sekuphinde kwadlula emhlabeni omunye wabagibeli.

Isibalo sabashonile sesifinyelele kwabayishumi, le ngozi yayenzeke ngeSonto.

Kwabashone kule ngozi kubalwa uNkz Sarafina Magwaza (57), uNkz uCeliwe Zikhali (55), uNkz uDudu Mthembu (52), uNkz uNobuhle Mkhwanazi (52), uNkz uCabangile Mavundla (52), Nkz uQhamukile Khumalo (40) uNkz Sihle Ndamase (24), uMnuz uMphikiseni Sithole (57) noMnuz uBongani Ndlovu (46).

IMeya kaMasipala Inkosi uMtubatuba uMnuz uMxolisi Mthethwa, namaKhansela nabasebenzi boMkhandlu, bahambele yonke imizi eyisishiyagololunye yabashone kule ngozi.

Ngokombiko wakamuva sekuvela ukuthi kusanda kushona omunye obesesibhedlela.

UMnuz uMthethwa ubehambele le mindeni iyonikelelwa ngokudla ngesikhathi uMasipala usaqhubeka namalungiselelo omngcwabo ozoba ngeSonto.

Inkonzo yomngcwabo izobanjelwa esikoleni eSilethukukhanya, eKhula Village, eMtubatuba.

“Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuthi izinhlelo zonke ziphethwe kahle nangesizotha,”

Njengoba besihambele imindeni nje besizoshiya ukudla okuzobalekelela njengoba sazi ukuthi makushoniwe kuba nabantu abafikayo bezokhalisa umndeni,”

Amalungiselelo omngcwabo uMasipala usuwaqalile kuyoze kufike emaphethelweni. Siyabonga nakwi Mathole Funerals ngokusebenza ngokubambisana noMasipala,” kusho uMnuz Mthethwa.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button