Ezezimoto

Uzobonakala maduze eMzansi umacekeceke iToyota Hilux 

Kuphelile ukulinda ishumi leminyaka kubathandi bezimoto zohlobo lweToyota abakade belangazelele iveni leHilux.

Lolu hlobo lwemoto econselwa amathe ngabaningi isanda kwethulwa ezweni laseThailand.

Njengoba izikhathi zishintshashintsha nakhona benze isiqiniseko sokuthi badedela nehamba ngogesi.

Okuhle wukuthi akusensuku zatshwala ukuthi ibonakale emgaqweni yaseNunguzimu Africa njengoba ilindeleke ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.

Kwamanye amazwe aphesheya izoqala ukuba semakethe masinya ungakashayi unyaka ka-2026 elindwe ngawo eMzansi.

Akuzoshintsha lutho kwinjini engu-2.8 litre turbo-diesel enamandla angu-150kW isazoqhubeka nokukwakhiwa. Isebenza no-gearbox oyi-6 speed automatic.

Kusekhona nenenjini engu-2.8 litre kadizili ene-48V mild-hybrid system.

Ekagesi ine-lithium-ion battery engu-59.2 kWh abathi ungahamba amakhilomitha angu-300 uma ligcwele.

Idonsa ngawo wonke amasondo futhi inamandla angu-144kW.

Izoba yimbangi ye-Isuzu D-Max yona enebhethri engu-66.9 kWh futhi enamandla angu-130kW.

I-Hilux entsha ihluke kakhulu ngaphambili nangemuva. Ohlangothini bayishintshe lapha nalapha kwendala.

Kukhona nemibala emisha ezodonsa amehlo.

Yingaphakathi lapho okwenziwe khona izinguquko ezinkulu kwazise endala ibisisalela ngemuva ezimbangini.

Kukhona i-touchscreen infotainment system engu-12.3 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.

Negiya akuselona elide kanjalo ne-handbrake.

Okunye abakubalulile kwaToyota wukuthi ifika nobuchwepheshe obusha obusiza umshayeli nobezokuphepha.

Imininingwane ephelele izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Related Articles

Back to top button