Ezokungcebeleka

Uthuthuva ngomnikelo wokuvusa imoto kaMgqumeni

Phila Luthuli 

SESIDALE uthuthuva isiphakamiso sabalandeli bakaKhulekani “Mgqumeni” Khumalo ukuthi kulungiswe imoto yakhe esibolele egcekeni.

UMgqumeni washona emuva kokuxinwa ukugula esibhedlela iHelen Joseph eGoli, washiya emhlabeni izingane ezingu-12.

Njengoba likhula isasasa kulo mkhankaso wokunikela kulungiswe imoto kukhona asebelibeke ngembaba elokuthi izingane zikaMgqumeni azihambe ziyofuna umsebenzi.

Enye yezingane zaMgqumeni esemculweni iBhovakazi libhale iheheba kuFacebook liphendula abathi abayofuna umsebenzi ukuze bakhande imoto kayise.

Yasala inje imoto yomculi ongasekho uMgqumeni nosekunikelelwa ukuthi ivuswe

“Lento ngabe ayifikanga nokufika la emnikelweni ukube ama royalties omculo kababa siyanikwa sesibadala manje, kudala kwakuthiwa “silinde izingane zakhe zikhule ” kanti kumele size sibe ngakanani? Engani sesikhulile azibuye izimfanelo manje kubaniniyo uMgqumeni washiya esebenzile,” kusho iBhovakazi.

IBhovakazi liqhube ngokuthi awukho umsebenzi ohlezi ulinde bona.

“Njengoba izinga lokuswela imisebenzi eNingizimu Africa lingaka thina sibaluleke ngani ukuthi ukhona umsebenzi ohlezi olinde thina, okunye abanye bakhuluma ngathi ukhona oyedwa wethu owaphiwa umsebenzi wawunqaba. Bafowethu uma ungeke ube nalo usizo uthule bazonikela abazokhona ngoba manje sekubukeka ngathi singamaqola siyadabukisa. kuyamangaza ke abanye abanye uma sebenza ihlaya bethi asiyofuna umsebenzi ,” kunaba iBhovakazi.

Igama likaSmomoza lihamba phambili njengoba kunguye owafika nomqondo wokuvuswa kwemoto kaMgqumeni.

Abalandeli bomculo kaMaskandi sebeveze abanye abaculi abashona bashiya izomoto zabo zibola egcekeni okuthiwa nazo akunikelwe zilungiswe.

Phakathi kwezimoto zabaculi abavelile kubalwa uMfaz’omnyama noMbongwa.

Related Articles

Back to top button